Nina ningamadodana abaprofethi nawesivumelwano uNkulunkulu asenza nokhokho bethu, ethi ku-Abrahama: ‘Nangenzalo yakho imindeni yonke yomhlaba iyakubusiswa.’
KumaHeberu 7:6 - Baasraak Zulu New Testament Bible Kodwa yena ongabalelwa ozalweni lwabo uthathile okwetshumi kuAbrahama, wambusisa lowo owayelezithembiso. IBHAYIBHELI ELINGCWELE kepha yena ongabalwa ozalweni lwabo uthathile okweshumi ku-Abrahama, wambusisa lowo onezithembiso. IsiZulu 2020 Kepha yena ongaveli olibeni lwabo, wemukela okweshumi ku-Abhrahama, wambusisa lowo onezithembiso. Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa yena ongabalelwa ozalweni lwabo uthathile okwetshumi kuAbrahama, wambusisa lowo owayelezithembiso. |
Nina ningamadodana abaprofethi nawesivumelwano uNkulunkulu asenza nokhokho bethu, ethi ku-Abrahama: ‘Nangenzalo yakho imindeni yonke yomhlaba iyakubusiswa.’
Ngokuba isithembiso sokuthi uyakuba yindlalifa yezwe asifikanga ku-Abrahama nenzalo yakhe ngomthetho, kodwa ngokulunga kokukholwa.
Obani abangama-Israyeli; okungokwabo ukuma kwabantwana, nenkazimulo, nezivumelwano, nokunikwa komthetho, nenkonzo kaNkulunkulu, nezithembiso;
Manje izithembiso zenziwa ku-Abrahama nasenzalweni yakhe. Akasho ukuthi: Nasezinzalweni, kungathi ngeziningi; kodwa kungathi ngeyodwa: Nasenzalweni yakho enguKristu.
Bonke laba bafela ekukholweni, bengazamukelanga izithembiso, kodwa bazibona zikude, bakholiswa ngazo, bavuma ukuthi bangabafokazi nezihambi emhlabeni.
Ngokukholwa u-Abrahama evivinywa wanikela ngo-Isaka, yena owayamukele izithembiso wanikela ngendodana yakhe ezelwe yodwa.
Ngokuba uMelkisedeki lo, inkosi yaseSalema, umpristi kaNkulunkulu oPhezukonke, owahlangabeza u-Abrahama ebuya ekubulaleni amakhosi, wambusisa;