KumaHeberu 5:6 - Baasraak Zulu New Testament Bible njengoba esho nakwenye indawo ukuthi: Wena ungumpristi kuze kube phakade ngokokuma kukaMelkisedeki. IBHAYIBHELI ELINGCWELE njengokuba esho nakwenye indawo ngokuthi: “Wena ungumpristi kuze kube phakade ngokokuma kukaMelkisedeki,” IsiZulu 2020 Njengalokhu esho kwenye indawo, ethi: “Wena ungumphristi kuze kube phakade ngokokuma kukaMelkhizedeki.” Contemporary Zulu Bible 2024 Njengoba esho nakwenye indawo ukuthi: Wena ungumpristi kuze kube phakade ngokokuma kukaMelkisedeki. |
lapho umanduleli angena khona ngenxa yethu, uJesu, waba ngumpristi omkhulu kuze kube phakade ngokokuma kukaMelkisedeki.
Ngakho-ke uma ukuphelela kwakukhona ngobupristi bukaLevi, ngokuba abantu bawemukela umthetho ngaphansi kwabo, kwakusaswelekelani ukuba kuvele omunye umpristi ngokokuma kukaMelkisedeki, angabizwa ngokokuma ka-Aroni na?
Ngokuba uyafakaza ngokuthi: “Wena ungumpristi kuze kube phakade ngokokuma kukaMelkisedeki.
(Ngokuba labo abapristi benziwa ngaphandle kwesifungo, kodwa lokhu ngesifungo ngaye owathi kuye: INkosi yafunga, kayiyikuzisola: Wena ungumpristi kuze kube nininini ngokwendlela kaMelkisedeki;)
Engenayise, engenanina, engenanzalo, engenakuqala kwezinsuku, nakuphela kokuphila; kodwa enziwe wafana neNdodana kaNkulunkulu; uhlala engumphristi njalonjalo.
Futhi lapha abantu abafayo bamukela okweshumi; kodwa lapho uyawemukela, ofakazelwa ngaye ukuthi uyaphila.