KumaHeberu 4:7 - Baasraak Zulu New Testament Bible Ubuye amise usuku oluthile, ethi ngoDavide: Namuhla, emva kwesikhathi esingaka; njengoba kuthiwa: Lamuhla uba lizwa ilizwi lakhe, lingazenzi lukhuni izinhliziyo zenu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE uyanquma futhi usuku oluthile oluthiwa Namuhla, esho ngoDavide emva kwesikhathi esingaka njengokushiwo kuqala ukuthi: “Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe, ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu.” IsiZulu 2020 Uyanquma futhi usuku okuthiwa Namuhla, esho ngoDavide emva kwesikhathi esingaka, njengalokhu kwashiwo ngaphambilini ukuthi: “Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe, ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu.” Contemporary Zulu Bible 2024 Ubuye amise usuku oluthile, ethi ngoDavide: Namuhla, emva kwesikhathi esingaka; njengoba kuthiwa: Lamuhla uba lizwa ilizwi lakhe, lingazenzi lukhuni izinhliziyo zenu. |
Ngoba uDavida uqobo lwakhe ngoMoya oNgcwele wathi: INkosi yathi eNkosini yami: Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngenze izitha zakho zibe yisenabelo senyawo zakho.
UDavida uqobo lwakhe uthi egwalweni lwamaHubo: INkosi yathi eNkosini yami: Hlala ngakwesokunene sami;
Madoda, bazalwane, ake ngikhulume kini ngokusobala ngokhokho uDavide ukuthi wafa wangcwatshwa, nethuna lakhe lisekhona kithi kuze kube namuhla.
Ekubona ngaphambili wakhuluma ngokuvuka kukaKristu, ukuthi umphefumulo wakhe kawutshiywanga esihogweni, lenyama yakhe kayikubonanga ukubola.
Kwathi bengavumelananga phakathi kwabo, basuka uPawuli esekhulume ilizwi linye lokuthi: Ukhulume kuhle uMoya oNgcwele ngoIsaya umprofethi kokhokho bethu.
Kuthiwa: “Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe, ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu njengasekucunuleni;