Nami ngithi kuwe: Wena unguPetru, phezu kwalelidwala ngiyakulakha ibandla lami; futhi amasango esihogo ngeke alinqobe.
KumaHeberu 3:3 - Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba lo ubalelwe inkazimulo enkulu kunoMose, njengalokhu owakhileyo indlu enodumo olukhulu kunendlu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba lowo kwathiwa ufanele inkazimulo enkulu kunoMose, njengalokhu oyakhileyo indlu unodumo olukhulu kunendlu. IsiZulu 2020 Ngokuba lo ubonakale eyifanele inkazimulo enkulu kunoMose, njengalokhu umakhi wendlu unodumo olukhulu kunendlu. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba lo ubalelwe inkazimulo enkulu kunoMose, njengalokhu owakhileyo indlu enodumo olukhulu kunendlu. |
Nami ngithi kuwe: Wena unguPetru, phezu kwalelidwala ngiyakulakha ibandla lami; futhi amasango esihogo ngeke alinqobe.
Ngokuba siyizisebenzi kanye noNkulunkulu; nina niyinsimu kaNkulunkulu, niyisakhiwo sikaNkulunkulu.
Kepha uma inkonzo yokufa, ilotshiwe, iqoshwe ematsheni, yayinenkazimulo, kangangokuthi abantwana bakwa-Israyeli babengenakububheka ubuso bukaMose ngenxa yenkazimulo yobuso bakhe; okuyinkazimulo eyayizakuqedwa;
Futhi yona iyinhloko yomzimba, ibandla, eyisiqalo, izibulo kwabafileyo; ukuze ibe ngeyokuqala ezintweni zonke.
Kepha siyambona owenziwe waba mncinyane isikhashana kunezingelosi, uJesu ethweswe umqhele wenkazimulo nodumo ngenxa yokuhlupheka kokufa; ukuze ngomusa kaNkulunkulu ezwe ukufa ngenxa yawo wonke umuntu.
Ngokuba yileyo naleyondlu yakhiwa ngumuntu; kodwa owakha izinto zonke nguNkulunkulu.
Kodwa uKristu njengendodana phezu kwendlu yakhe; esiyindlu yakhe thina, uma sibambisisa isibindi nokuzibonga kwethemba kuze kube sekupheleni.