Ningabesabi ababulala umzimba, bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba esihogweni.
KumaHeberu 13:6 - Baasraak Zulu New Testament Bible ukuze singasho ngesibindi sithi: INkosi ingumsizi wami, angesabi umuntu angangenzani. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ukuze sisho ngesibindi, sithi: “INkosi ingumsizi wami, angiyikwesaba; umuntu angangenzani na?” IsiZulu 2020 ukuze sisho ngesibindi, sithi: “INkosi ingumsizi wami, angiyukwesaba; umuntu angangenzani na?” Contemporary Zulu Bible 2024 Ukuze singasho ngesibindi sithi: INkosi ingumsizi wami, angesabi umuntu angangenzani. |
Ningabesabi ababulala umzimba, bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba esihogweni.
Pho siyakuthini ngalezi zinto na? Uma uNkulunkulu engakithi, ngubani ongamelana nathi na?
Ngakho-ke, bazalwane, njengokuba sinesibindi sokungena endaweni engcwele ngegazi likaJesu.
Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa, ukuze samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.