Ngalesosikhathi uJesu waphendula wathi: Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu lomhlaba, ngoba ukufihlile lezizinto kwabahlakaniphileyo labaqedisisayo, wazambulela izingane;
Johane 3:10 - Baasraak Zulu New Testament Bible UJesu waphendula, wathi kuye: “Wena ungumfundisi ka-Israyeli, awuzazi lezi zinto na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJesu waphendula, wathi kuye: “Wena ungumfundisi ka-Israyeli, awukwazi lokhu na? IsiZulu 2020 UJesu waphendula, wathi kuye: “Wena ungumfundisi ka-Israyeli, kodwa awukwazi lokho na? Contemporary Zulu Bible 2024 UJesu waphendula, wathi kuye: “Wena ungumfundisi ka-Israyeli, awuzazi lezi zinto na? |
Ngalesosikhathi uJesu waphendula wathi: Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu lomhlaba, ngoba ukufihlile lezizinto kwabahlakaniphileyo labaqedisisayo, wazambulela izingane;
Bayekeni; bangabaholi abayizimpumputhe. Uma impumputhe ihola impumputhe, ziyakuyela emgodini zombili.
UJesu waphendula, wathi kubo: Nidukile, ningayazi imibhalo namandla kaNkulunkulu.
Kwathi emva kwezinsuku ezintathu bamfumana ethempelini, ehlezi phakathi kwabafundisi, ebazwa, ebabuza.
Kwathi ngolunye usuku efundisa, kwakuhlezi khona abaFarisi nabafundisi bomthetho ababephuma kuyo yonke imizi yaseGalile, naseJudiya, naseJerusalema, namandla eNkosi. khona ukubaphulukisa.
Kwasekusukuma omunye emphakathini, umFarisi ogama lakhe linguGamaliyeli, umfundisi womthetho otusekayo kubantu bonke, wayala ukuba abaphostoli bakhishwe isikhashana;
Ngokuba akusiye umJuda onguye ngokusobala; nokusoka akusikho okungaphandle enyameni;
Ngokuba singabokusoka thina esikhonza ngoMoya kaNkulunkulu, sizibonga kuKristu Jesu, singathembi enyameni.
Enisokwa kuye futhi ngokusoka okwenziwa ngaphandle kwezandla, ngokukhumula umzimba wezono zenyama ngokusoka kukaKristu.