uFiliphu, loBartolomewu; uTomase, noMathewu umthelisi; uJakobe ka-Alfewu, noLebewu othiwa futhi uThadewu;
Johane 21:2 - Baasraak Zulu New Testament Bible Kwakundawonye oSimoni Petru, noTomase othiwa uDidimu, noNathanayeli waseKhana laseGalile, namadodana kaZebedewu, nabanye ababili kubafundi bakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE kwakukhona ndawonye oSimoni Petru, noTomase othiwa uDidimu, noNathanayeli waseKhana laseGalile, nabakaZebedewu, nabanye ababili kubafundi bakhe. IsiZulu 2020 kwakukhona lapho uSimoni Phethro, uThomase okuthiwa nguDidimu, uNathanayeli waseKhana eGalile, amadodana kaZebedewu, nabanye abafundi bakhe ababili. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwakundawonye oSimoni Petru, noTomase othiwa uDidimu, noNathanayeli waseKhana laseGalile, namadodana kaZebedewu, nabanye ababili kubafundi bakhe. |
uFiliphu, loBartolomewu; uTomase, noMathewu umthelisi; uJakobe ka-Alfewu, noLebewu othiwa futhi uThadewu;
Wathi eqhubeka ingcosana, wabona uJakobe kaZebedewu noJohane umfowabo besemkhunjini belungisa amanetha abo.
Ngokunjalo noJakobe noJohane, amadodana kaZebedewu, ababengabambisene noSimoni. UJesu wasesithi kuSimoni: Ungesabi; kusukela khathesi uzakubamba abantu.
UFiliphu wafumana uNathanayeli, wathi kuye: “Simfumene lowo aloba ngaye emthethweni uMose kanye nabaprofethi, uJesu waseNazaretha, indodana kaJosefa.
Khona uTomase, othiwa uDidimu, kubafundi abakanye naye: Asihambe nathi, ukuze sife kanye naye.
Kwathi ngosuku lwesithathu kwakukhona umshado eKhana laseGalile; nonina kaJesu wayelapho.
Lokho ukuqala kwezibonakaliso uJesu wakwenza eKhana laseGalile, ebonakalisa inkazimulo yakhe; abafundi bakhe bakholwa kuye.
UJesu wabuye weza eKhana laseGalile, lapho enza khona amanzi aba yiwayini. Kwakukhona induna ethile, indodana yayo yayigula eKapernawume.