Ningabesabi ababulala umzimba, bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba esihogweni.
Johane 16:2 - Baasraak Zulu New Testament Bible Bazalixotsha emasinagogeni; yebo, isikhathi siyeza, lapho wonke olibulalayo uzakuthi ukhonza uNkulunkulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bayakunikhipha emasinagogeni,* yebo, siyeza isikhathi sokuba lowo onibulalayo uyakuthi ukhonza uNkulunkulu. IsiZulu 2020 Bayakunikhipha emasinagogeni; yebo, isikhathi siyeza lapho bonke abanibulalayo beyakuthi basebenzela uNkulunkulu. Contemporary Zulu Bible 2024 Bazalixotsha emasinagogeni; yebo, isikhathi siyeza, lapho wonke olibulalayo uzakuthi ukhonza uNkulunkulu. |
Ningabesabi ababulala umzimba, bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba esihogweni.
Khona bayakunikhaphela osizini, banibulale; niyakuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami.
Nibusisiwe, nxa abantu benizonda, nalapho benihlukanisa, benithuka, belahla igama lenu ngokungathi libi, ngenxa yeNdodana yomuntu.
Nokho nabaningi bababusi bakholwa kuye; kodwa ngenxa yabaFarisi kabavumanga, hlezi baxotshwe esinagogeni;
Bhekani, isikhathi siyeza, yebo, sesifikile, sokuba nihlakazeke, kube yilowo nalowo aye kowabo, ningishiye ngedwa; nokho angingedwa, ngokuba uBaba unami.
UJesu wathi kuye: “Sifazane, kholwa yimi, isikhathi siyeza, lapho ningayikukhuleka kuBaba kule ntaba, noma eJerusalema.
Kodwa isikhathi siyeza, sesikhona namanje, lapho abakhulekayo abaqinisileyo beyakukhuleka kuBaba ngomoya nangeqiniso, ngokuba uBaba ufuna abakhuleka kuye abanjalo.
Abazali bakhe bakusho lokho, ngokuba besaba abaJuda, ngokuba abaJuda base bevumelene ngokuthi, uma umuntu ovuma ukuthi unguKristu, akhishwe esinagogeni.
Baphendula, bathi kuye: Wena wazalelwa ezonweni kanye, wena usifundisa yini? Basebemkhiphela phandle.
Wathi: “Bheka, ngibona amazulu evulekile, neNdodana yomuntu imi ngakwesokunene sikaNkulunkulu.
sithi sihlanjalazwa, siyancenga; senziwe njengezibi zomhlaba, imfucumfucu yezinto zonke kuze kube namuhla.
ngokushisekela ngizingela ibandla; mayelana nokulunga okusemthethweni, ngingenacala.
Lapho livula uphawu lwesihlanu, ngabona phansi kwe-altare imiphefumulo yababulewe ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi ababenabo.