Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi beyizimpisi eziphangayo.
Johane 10:1 - Baasraak Zulu New Testament Bible Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini: Ongangeni ngesango esibayeni sezimvu, kodwa ekhwela ngenye indlela, lowo ulisela nomphangi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Ongangeni ngesango esibayeni sezimvu, kodwa ekhwela ngenye indawo, lowo uyisela nomphangi. IsiZulu 2020 UJesu wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: ongangeni ngesango esibayeni sezimvu, kodwa oweqa uthango, afohle, uyisela nomphangi. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini: Ongangeni ngesango esibayeni sezimvu, kodwa ekhwela ngenye indlela, lowo ulisela nomphangi. |
Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi beyizimpisi eziphangayo.
Khona uJesu wabuye wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Mina ngiyisango lezimvu.
UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngokusha, angewubone umbuso kaNkulunkulu.
Bayakushumayela kanjani, uma bengathunywa na? njengokulotshiweyo ukuthi: “Yeka, zinhle izinyawo zabashumayela ivangeli lokuthula, nabaletha ivangeli lezinto ezinhle!
Ngokuba abanjalo kabakhonzi iNkosi yethu uJesu Kristu, bakhonza isisu sabo; nangamazwi amahle namnandi bakhohlisa izinhliziyo zabangenalwazi.
abamelwe ukuvalwa umlomo, abachitha izindlu ziphela, befundisa okungafanele ngenxa yenzuzo embi.
okuyinsindiso abaprofethi abayifunisisa, bayihlolisisa, abaprofetha ngomusa owawuzakuza kini;
Kepha kwakukhona nabaprofethi bamanga phakathi kwabantu, njengokuba naphakathi kwenu kuyakuba khona abafundisi bamanga abazakungenisa ngasese izifundiso ezibhubhisayo, bephika neNkosi eyabathengayo, bezilethela ukubhujiswa okusheshayo.
Ngokuhaha bayakunenza ngamazwi obuqili; ukwahlulelwa kwabo kwakudala akulibali, nokubhujiswa kwabo akozeli.
Bathandekayo, ningakholwa yibo bonke omoya, kodwa hlolani omoya ukuthi bangabakaNkulunkulu yini; ngokuba baningi abaprofethi bamanga abaphumele ezweni.