Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, bayiqambe igama lokuthi u-Emanuweli, okungukuthi ngokuhunyushwa, uNkulunkulu unathi.
Johane 1:41 - Baasraak Zulu New Testament Bible yena wafumana kuqala umfowabo uSimoni, wathi kuye: “Simfumene uMesiya” okungukuthi ngokuhunyushwa uKristu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE yena wafumana kuqala umfowabo uSimoni, wathi kuye: “Simfumene uMesiya,” okungukuthi ngokuhunyushwa uKristu. IsiZulu 2020 U-Andreya waqala wafumana umfowabo uSimoni, wathi kuye: “Simtholile uMesiya,” okungukuthi uma lihunyushwa, uKhristu. Contemporary Zulu Bible 2024 Yena wafumana kuqala umfowabo uSimoni, wathi kuye: “Simfumene uMesiya” okungukuthi ngokuhunyushwa uKristu. |
Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, bayiqambe igama lokuthi u-Emanuweli, okungukuthi ngokuhunyushwa, uNkulunkulu unathi.
Naye weza ngaso leso sikhathi, wayibonga iNkosi, wakhuluma ngayo kubo bonke ababebheke ukukhululwa eJerusalema.
UFiliphu wafumana uNathanayeli, wathi kuye: “Simfumene lowo aloba ngaye emthethweni uMose kanye nabaprofethi, uJesu waseNazaretha, indodana kaJosefa.
Ukuthi uNkulunkulu wamgcoba kanjani uJesu waseNazaretha ngoMoya oNgcwele nangamandla, owahamba enza okuhle, ephulukisa bonke ababecindezelwe nguSathane; ngoba uNkulunkulu wayelaye.
Ngokuba isibili uHerode, noPontiyu Pilatu, kanye nabezizwe, nabantu bakwa-Israyeli babuthana ndawonye ngokumelene neNdodana yakho engcwele uJesu owamgcobayo;
Lokho esikubonileyo nesikuzwileyo siyakumemezela kini, ukuze nani nibe nenhlanganyelo nathi;