Johane 1:12 - Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe, IsiZulu 2020 Kepha bonke abamemukelayo, labo abakholwa egameni lakhe, wabapha igunya lokuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe; |
futhi kungabi ngenxa yaleso sizwe sodwa, kodwa futhi ukuba abuthele ndawonye abantwana bakaNkulunkulu abahlakazekile babe munye.
Kwathi eseJerusalema ngePhasika emkhosini, abaningi bakholwa egameni lakhe bebona izibonakaliso zakhe azenzayo.
Kodwa lezi zilotshiwe, ukuze likholwe ukuthi uJesu unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu; ukuze ngokukholwa nibe nokuphila ngegama lakhe.
Okholwa yiyo akalahlwa, kepha ongakholwayo uselahliwe, ngokuba engakholwanga egameni leNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa.
Negama layo ngokukholwa egameni layo liyiqinisile le ndoda eniyibonayo neniyaziyo;
Ngokuba ningamadodana, uNkulunkulu uthumile uMoya weNdodana yakhe ezinhliziyweni zenu omemeza ethi: “Aba, Baba!
Ngakho siphiwe izithembiso ezinkulu kakhulu leziligugu, ukuze ngalezo libe ngabahlanganyeli bemvelo yobuNkulunkulu, libalekele ukonakala okusemhlabeni ngenkanuko.
Bhekani uthando olungaka asinike lona uBaba lokuba sibizwe ngokuthi singabantwana bakaNkulunkulu;
Ngalokhu babonakaliswa abantwana bakaNkulunkulu nabantwana bakaSathane: yilowo nalowo ongenzi ukulunga akasiye okaNkulunkulu, nalowo ongamthandi umzalwane wakhe.
Bathandekayo, manje singabantwana bakaNkulunkulu, kepha akukabonakali esiyakuba yikho; ngoba sizambona njengoba enjalo.
Futhi yilo umyalo wakhe, ukuba sikholwe egameni leNdodana yakhe uJesu Kristu, sithandane, njengalokho wasilaya.