Nxa beniyisa emasinagogeni, nasezinduneni nakubabusi, ningakhathazeki ngokuthi niyakuphendula ngani, ngokuthini, nangalokho eniyakukukhuluma;
IzEnzo 24:10 - Baasraak Zulu New Testament Bible UPawuli esemqhwebile ukuthi akhulume, waphendula wathi: Njengoba ngazi ukuthi sekuyiminyaka eminengi ungumgwebi walesisizwe, ngiziphendulela ngesibindi esikhulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umbusi esemqhwebile ukuba akhulume, uPawulu waphendula wathi: “Lokhu ngiyazi ukuthi sekuyiminyaka eminingi ungumahluleli kulesi sizwe, ngiyaziphendulela ngesibindi; IsiZulu 2020 Umbusi wavuma ngokunqekuzisa ikhanda ukuba uPawula akhulume, waphendula wathi: “Ngiyazi ukuthi sekuyiminyaka eminingi ungumehluleli kulesi sizwe, ngiyathokoza ukuziphendulela ngalezi zinto, Contemporary Zulu Bible 2024 UPawuli esemqhwebile ukuthi akhulume, waphendula wathi: Njengoba ngazi ukuthi sekuyiminyaka eminengi ungumgwebi walesisizwe, ngiziphendulela ngesibindi esikhulu. |
Nxa beniyisa emasinagogeni, nasezinduneni nakubabusi, ningakhathazeki ngokuthi niyakuphendula ngani, ngokuthini, nangalokho eniyakukukhuluma;
esithi: Kwakukhona emzini othile umahluleli owayengamesabi uNkulunkulu, enganaki muntu;
Kodwa wabaqhweba ngesandla ukuthi bathule, wabalandisela ukuthi iNkosi imkhuphe njani entolongweni. Wathi: “Bikelani uJakobe nakubazalwane lokho.” Wasuka, waya kwenye indawo.
Wayesesukuma uPawulu, waqhweba ngesandla, wathi: “Madoda akwa-Israyeli, nani nesaba uNkulunkulu, lalelani.
Kepha uma kuyimpikiswano ngenkulumo, namagama, nangomthetho wenu, zibhekeni nina; ngoba mina kangiyikuba ngumahluleli wezindaba ezinjalo.
Basebekhipha uAleksandro exukwini, abaJuda bamqhubela phambili. U-Aleksandru waqhweba ngesandla, efuna ukuziphendulela kubantu.
Kwathi esemnike imvume, uPawulu wema ezikhwelweni, waqhweba abantu ngesandla. Kwathi sekuthuleke kakhulu, wakhuluma kubo ngolimi lwesiHeberu, wathi:
nilungisele nezilwane, ukuze bamkhwelise uPawulu, bamyise kuFeliksi umbusi ephephile.
U-Agripha wayesethi kuPawulu: “Uvunyelwe ukuzikhulumela. UPawuli waseselula isandla, waziphendulela;
Kodwa ngcwelisani iNkosi uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu, njalo lilungele ukuphendula wonke umuntu olibuza ngesizatho sethemba elikini, ngobumnene langokwesaba;