Ngokuba babopha imithwalo enzima, bayibeke emahlombe abantu; kodwa bona ngokwabo abafuni ukuwanyakazisa nangomunwe wawo.
IzEnzo 15:10 - Baasraak Zulu New Testament Bible Manje nimlingelani uNkulunkulu ngokubeka ijoka entanyeni yabafundi, obaba nathi esingenamandla okulithwala na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Manje-ke nimlingelani uNkulunkulu ngokubeka ijoka entanyeni yabafundi, obaba nathi esasingenamandla okulithwala na? IsiZulu 2020 Ngakho-ke kungani manje nilinga uNkulunkulu ngokuthi nibeke ijoka entanyeni yabafundi, obaba kanye nathi esingabanga namandla okulithwala na? Contemporary Zulu Bible 2024 Manje nimlingelani uNkulunkulu ngokubeka ijoka entanyeni yabafundi, obaba nathi esingenamandla okulithwala na? |
Ngokuba babopha imithwalo enzima, bayibeke emahlombe abantu; kodwa bona ngokwabo abafuni ukuwanyakazisa nangomunwe wawo.
UJesu wathi kuye: Kulotshiwe futhi ukuthi: Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho.
UPetru wayesethi kuye: “Kungani ukuba nivumelane ukulinga uMoya weNkosi na? bheka, izinyawo zabambele indoda yakho zisemnyango, nawe bayakukukhiphela phandle.
Kepha manje lokhu senimazi uNkulunkulu, noma kunalokho naziwa nguNkulunkulu, senibuyela kanjani ezimisweni ezibuthakathaka neziwubala, enithanda ukubuye nibe yizigqila zazo na?
Ngakho yimani niqinile enkululekweni uKristu asikhulule ngayo, ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila.
Lapho oyihlo bangilingayo, bangivivinya, babona imisebenzi yami iminyaka engamatshumi amane.
okwakuwumfanekiso walesi sikhathi esikhona, lapho kwanikelwa khona izipho nemihlatshelo, okungekwenze lowo owenza inkonzo aphelele ngokukanembeza;