UJesu wasesithi: Mina ngizele ukwahlulela kulumhlaba, ukuze abangaboniyo babone; nokuthi ababonayo babe yizimpumputhe.
IzEnzo 13:11 - Baasraak Zulu New Testament Bible Manje bheka, isandla seNkosi siphezu kwakho, uyakuba yimpumputhe, ungaliboni ilanga isikhathi. Kwahle kwehlelwa yinkungu nobumnyama phezu kwakhe; wasezulazula efuna abangamhola ngesandla. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bheka, isandla seNkosi siphezu kwakho manje. Uzakuba yimpumputhe, kube yisikhathi ungaliboni ilanga.” Kwase kumfikela khona lapho ukufiphala nobumnyama, wahamba efuna abazakumhola ngesandla. IsiZulu 2020 Isandla seNkosi siphezu kwakho manje. Uzakuba yimpumputhe, ungaliboni ilanga okwesikhashana.” Ngokushesha wehlelwa yinkungu nobumnyama, wahamba efuna ongahle amhole. Contemporary Zulu Bible 2024 Manje bheka, isandla seNkosi siphezu kwakho, uyakuba yimpumputhe, ungaliboni ilanga isikhathi. Kwahle kwehlelwa yinkungu nobumnyama phezu kwakhe; wasezulazula efuna abangamhola ngesandla. |
UJesu wasesithi: Mina ngizele ukwahlulela kulumhlaba, ukuze abangaboniyo babone; nokuthi ababonayo babe yizimpumputhe.
U-Ananiya wayesehamba, wangena endlini; ebeka izandla phezu kwakhe, wathi: “Sawulu mzalwane, iNkosi ingithumile uJesu, owabonakala kuwe endleleni oze ngayo, ukuba ubuye ubuye ubuye ugcwaliswe ngoMoya oNgcwele.
Ngokuba angithandi, bazalwane, ukuba ningayazi le mfihlakalo, funa nizishaye abahlakaniphileyo; ukuthi ukuphuphutheka kwehlele uIsrayeli ngokwengxenye, kuze kungene ukugcwala kwabezizwe.
Laba bayimithombo engenamanzi, amafu aqhutshwa yisiphepho; abagcinelwe inkungu yobumnyama kuze kube phakade.