IzEnzo 12:9 - Baasraak Zulu New Testament Bible Wasephuma, wamlandela; futhi wayengazi ukuthi kuyiqiniso okwenziwa yingelosi; kodwa wacabanga ukuthi ubona umbono. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Waphuma, wayilandela; wayengazi ukuthi kuyiqiniso okwenziwa yingelosi, kodwa wayethi ubona umbono. IsiZulu 2020 Waphuma, wayilandela; wayengazi ukuthi lokhu okwenzekayo ngengelosi kuyiqiniso, kodwa wayecabanga ukuthi ubona umbono nje. Contemporary Zulu Bible 2024 Wasephuma, wamlandela; futhi wayengazi ukuthi kuyiqiniso okwenziwa yingelosi; kodwa wacabanga ukuthi ubona umbono. |
Kwathi uPetru esangabaza phakathi kwakhe ukuthi uyini lowo mbono awubonileyo, bheka, amadoda abethunyiwe evela kuKorneliyu ayebuzile indlu kaSimoni, emi ngasesangweni;
Wabona embonweni ngokusobala, kungathi ngehora lesishiyagalolunye lemini ingelosi kaNkulunkulu iza kuye, ithi kuye: “Korneliyu!”
Mina ngangisemzini waseJopha ngikhuleka, ngase ngibona ethongweni umbono, kwehla isitsha esithile, sinjengendwangu enkulu, sehliswa ngamachopho omane sivela ezulwini; lafika nakimi.
Ingilosi yasisithi kuye: Bhinca, ubophe amanyathela akho. Wenza kanjalo. Wasesithi kuye: Gqoka isembatho sakho, ungilandele.
EDamaseku kwakukhona umfundi othile ogama lakhe lingu-Ananiya; iNkosi yathi kuye embonweni: “Ananiya!” Wathi: Bheka, ngilapha, Nkosi.
Ngokukholwa u-Abrahama walalela ebizwa ukuba aphume, aye endaweni abezakuyamukeliswa ibe yifa; waphuma engazi lapho eya khona.