Kwathi sezimukile, khangela, ingilosi yeNkosi yabonakala kuJosefa ngephupho, ithi: Vuka uthathe umntwana omncane lonina, ubalekele eGibhithe, uhlale khona ngize ngikubikele; izofuna umntwana omncane ukuba ambhubhise.
IzEnzo 12:7 - Baasraak Zulu New Testament Bible Bheka, ingelosi yeNkosi yeza phezu kwakhe, nokukhanya kwakhanya etilongweni, yamshaya uPetru ohlangothini, yamvusa, yathi: “Vuka masinyane. Futhi amaketanga akhe awela ezandleni zakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bheka, yafika ingelosi yeNkosi, kwakhanya ukukhanya etilongweni, yamshaya uPetru ohlangothini, yamvusa ithi: “Shesha usukume.” Ayesewa amaketanga ezandleni zakhe. IsiZulu 2020 Nakho-ke sekufika ingelosi yeNkosi, kwakhanya bha ejele. Ingelosi yamthinta ohlangothini uPhethro, yamvusa ithi: “Sukuma ngokushesha.” Ayesewa amaketanga ezandleni zakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 Bheka, ingelosi yeNkosi yeza phezu kwakhe, nokukhanya kwakhanya etilongweni, yamshaya uPetru ohlangothini, yamvusa, yathi: “Vuka masinyane. Futhi amaketanga akhe awela ezandleni zakhe. |
Kwathi sezimukile, khangela, ingilosi yeNkosi yabonakala kuJosefa ngephupho, ithi: Vuka uthathe umntwana omncane lonina, ubalekele eGibhithe, uhlale khona ngize ngikubikele; izofuna umntwana omncane ukuba ambhubhise.
Bheka, ingelosi yeNkosi yaba phezu kwabo, nenkazimulo yeNkosi yabakhanyisa nxazonke, besaba kakhulu.
Kwathi besasambathekile yilokho, bheka, nanko amadoda amabili emi ngakubo, enezingubo ezicwebezelayo;
UKorneliyu wathi: “Ezinsuku ezine ezidlule kwaze kwaba yileli hora ngizila ukudla; ngehora lesishiyagalolunye ngakhuleka endlini yami;
Kwathi masinyane ingelosi yeNkosi yamshaya, ngokuba enganikanga uNkulunkulu udumo; wadliwa yizimpethu, waphuma.
Kwathi uHerode esezomkhipha, ngalobo busuku uPetru wayelele phakathi kwamasosha amabili, eboshwe ngamaketanga amabili, nabalindi phambi komnyango belinda itilongo.
Ingilosi yasisithi kuye: Bhinca, ubophe amanyathela akho. Wenza kanjalo. Wasesithi kuye: Gqoka isembatho sakho, ungilandele.
Kwase kuba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, kwaze kwazanyazanyiswa izisekelo zetilongo; kwavuleka khona lapho iminyango yonke, athukululwa nezibopho zabo bonke.
uNkulunkulu amvusayo, esethukululile iminjunju yokufa, ngoba kwakungenzeki ukuthi abanjwe yikho.
Esahamba, wasondela eDamaseku, kwakhanya masinyane nxazonke kuye ukukhanya okuvela ezulwini.
Azisibo yini zonke omoya abakhonzayo, abathunyelwe ukukhonza ngenxa yalabo abayakuba yizindlalifa zensindiso na?
Emva kwalokho ngabona enye ingelosi yehla ezulwini, inamandla amakhulu; futhi umhlaba wakhanyiswa ngenkazimulo yakhe.