IzEnzo 12:6 - Baasraak Zulu New Testament Bible Kwathi uHerode esezomkhipha, ngalobo busuku uPetru wayelele phakathi kwamasosha amabili, eboshwe ngamaketanga amabili, nabalindi phambi komnyango belinda itilongo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi mhla uHerode ebezakumphumisa, ngalobo busuku uPetru wayelele phakathi kwamabutho amabili, eboshiwe ngamaketanga amabili, nabalindi phambi komnyango begcina itilongo. IsiZulu 2020 Kwathi ngosuku uHerode ayehlose ukumkhuphula ngalo amyise kubantu, ngalobo busuku uPhethro walala phakathi kwamabutho amabili, eboshwe ngamaketanga amabili, kukhona nabalindi phambi komnyango ababeqaphe ijele. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi uHerode esezomkhipha, ngalobo busuku uPetru wayelele phakathi kwamasosha amabili, eboshwe ngamaketanga amabili, nabalindi phambi komnyango belinda itilongo. |
Ngakho uPetru wagcinwa etilongweni, kepha ibandla lamkhulekela kuNkulunkulu ngokungaphezi.
Induna yenkulungwane yayisisondela, yambamba, yayala ukuba aboshwe ngamaketanga amabili; wabuza ukuthi ungubani nokuthi wenzeni.
Ngakho ngenxa yalokhu nginibizele ukulibona, ngikhulume lani, ngoba ngenxa yethemba likaIsrayeli ngibotshiwe ngamaketane.
esithi: Intolongo siyifice ivaliwe ngokulondeka konke, nabalindi bemi ngaphandle phambi kweminyango;
engiyinxusa lazo eziboshweni, ukuze ngikhulume ngesibindi kulo, njengokuba ngifanele ukukhuluma.
INkosi mayiphe umusa endlini ka-Onesiforu; ngokuba wangiqabula kaningi, akabanga namahloni ngamaketanga ami;
ukuze singasho ngesibindi sithi: INkosi ingumsizi wami, angesabi umuntu angangenzani.