Futhi ngithi kini: Uma ababili kini emhlabeni bevumelana nganoma yini abangayicela, bayakuyenzelwa nguBaba osezulwini.
IzEnzo 12:5 - Baasraak Zulu New Testament Bible Ngakho uPetru wagcinwa etilongweni, kepha ibandla lamkhulekela kuNkulunkulu ngokungaphezi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngakho-ke uPetru wagcinwa etilongweni; kepha ibandla lamkhulekela ngesineke kuNkulunkulu. IsiZulu 2020 Ngakho-ke uPhethro wagqunywa ejele. Ibandla lamkhulekela ngesineke kuNkulunkulu. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho uPetru wagcinwa etilongweni, kepha ibandla lamkhulekela kuNkulunkulu ngokungaphezi. |
Futhi ngithi kini: Uma ababili kini emhlabeni bevumelana nganoma yini abangayicela, bayakuyenzelwa nguBaba osezulwini.
Esekubonile lokho, wafika endlini kaMariya unina kaJohane othiwa uMarku; lapho ababebuthene khona abanengi bekhuleka.
Esembambile, wamfaka etilongweni, wamnikela ekamu lamabutho amane, ukuba amlinde; ehlose ukumkhuphela ebantwini emva kwePhasika.
Kwathi uHerode esezomkhipha, ngalobo busuku uPetru wayelele phakathi kwamasosha amabili, eboshwe ngamaketanga amabili, nabalindi phambi komnyango belinda itilongo.
Uma kuhlupheka isitho sinye, kuhlupheka izitho zonke kanye naso; noma kuhlonishwe isitho sinye, athokoze amalungu onke kanye nalo.
Nani nisiza kanye nathi ngokusikhulekela, ukuze isipho esisiphiwe thina ngabantu abaningi sibongwe ngabaningi ngenxa yethu.
Khumbulani ababoshiweyo ngokungathi niboshiwe kanye nabo; nabaphathwa kabi, njengokuba nani nisemzimbeni.
Vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuba niphulukiswe. Umkhuleko wolungileyo unamandla amakhulu.