Khona bayakunikhaphela osizini, banibulale; niyakuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami.
IzEnzo 12:4 - Baasraak Zulu New Testament Bible Esembambile, wamfaka etilongweni, wamnikela ekamu lamabutho amane, ukuba amlinde; ehlose ukumkhuphela ebantwini emva kwePhasika. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wambamba, wamfaka etilongweni, wamnikela emaviyweni amane, yilelo nalelo linamabutho amane, ukuba amlinde, ehlose ukumkhuphulela ebantwini emva kwePhasika. IsiZulu 2020 Esembambile, wamfaka etilongweni, wamnikela emaviyweni amane, yilelo nalelo linamabutho amane, ukuba amlinde, ehlose ukuba emuva kwePhasika, amkhuphulele kubantu. Contemporary Zulu Bible 2024 Esembambile, wamfaka etilongweni, wamnikela ekamu lamabutho amane, ukuba amlinde; ehlose ukumkhuphela ebantwini emva kwePhasika. |
Khona bayakunikhaphela osizini, banibulale; niyakuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami.
Emva kwezinsuku ezimbili kwakukhona iPhasika nomkhosi wesinkwa esingenamvubelo; abapristi abakhulu nababhali bafuna ukuthi bangambamba kanjani ngobuqili, bambulale.
Kepha ngaphambi kwakho konke lokho bayakunibamba, banizingele, baninikele emasinagogeni nasematilongweni, niyiswe phambi kwamakhosi nababusi ngenxa yegama lami.
Khona amasosha esembethele uJesu esiphambanweni, athatha izingubo zakhe, azenza izabelo ezine, kwaba yilelo butho laba nesabelo; nejazi lakhe; ibhantshi lalingenamthungo, lalukiwe lonke kusukela phezulu.
Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kuwe: Usemusha, wawuzibhinca, uhambe lapho owawuthanda khona; hhayi.
Kwathi ebona ukuthi lokho kuwathokozisa amaJuda, waqhubeka wabamba loPetro. (Khona-ke kwakuyizinsuku zesinkwa esingenamvubelo.)
Ngakho uPetru wagcinwa etilongweni, kepha ibandla lamkhulekela kuNkulunkulu ngokungaphezi.
ukuba ngenze konke esakumisela ngaphambili isandla sakho namasu akho ukuba kwenziwe.
Basebebabamba, babafaka entolongweni kwaze kwaba ngakusasa, ngoba kwasekuhlwile.
Kepha uSawulu walichitha ibandla, engena ezindlini ngezindlu, ehudula abesilisa nabesifazane, wabafaka etilongweni.