Ngalolo suku kusihlwa, ngolokuqala lweviki, iminyango ivaliwe lapho ababebuthene khona abafundi ngokwesaba abaJuda, uJesu wafika wema phakathi kwabo, wathi kubo: “Ukuthula makube kinina.
IzEnzo 12:10 - Baasraak Zulu New Testament Bible Sebedlule abalindi bokuqala nabesibili, bafika esangweni lensimbi eliya emzini; owabavulela ngokwakhe; baphuma, badlula umgwaqo munye; ingilosi yahle yasuka kuye. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Sebedlulile kubalindi bokuqala nabesibili bafika esangweni lensimbi eliya emzini, labavulekela ngokwalo, baphuma, badlula isitaladi saba sinye; ingelosi yayisimshiya masinyane. IsiZulu 2020 Sebedlulile kubalindi bokuqala nakwabesibili, bafika esangweni lensimbi eliya emzini, elazivulekela ngokwalo, baphuma, badlula umgwaqo owodwa, ingelosi yayisimshiya ngokushesha. Contemporary Zulu Bible 2024 Sebedlule abalindi bokuqala nabesibili, bafika esangweni lensimbi eliya emzini; owabavulela ngokwakhe; baphuma, badlula umgwaqo munye; ingilosi yahle yasuka kuye. |
Ngalolo suku kusihlwa, ngolokuqala lweviki, iminyango ivaliwe lapho ababebuthene khona abafundi ngokwesaba abaJuda, uJesu wafika wema phakathi kwabo, wathi kubo: “Ukuthula makube kinina.
Kwathi emva kwezinsuku eziyisishiyagalombili abafundi bakhe bengaphakathi futhi, noTomase enabo; uJesu wafika, iminyango ivaliwe, wema phakathi kwabo, wathi: “Ukuthula makube kinina.
Esembambile, wamfaka etilongweni, wamnikela ekamu lamabutho amane, ukuba amlinde; ehlose ukumkhuphela ebantwini emva kwePhasika.
Kwase kuba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, kwaze kwazanyazanyiswa izisekelo zetilongo; kwavuleka khona lapho iminyango yonke, athukululwa nezibopho zabo bonke.
Nakuyo ingelosi yebandla laseFiladelfiya loba ukuthi; “Nakhu akushoyo ongcwele, oqinisileyo, onesihluthulelo sikaDavide, ovula kungavali muntu; avale kungavuli muntu;