IsAmbulo 9:11 - Baasraak Zulu New Testament Bible Zazinenkosi phezu kwazo, ingelosi yakwalasha, egama layo ngesiHeberu lingu-Abadoni, kepha ngesiGreki inegama lokuthi uApoliyoni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Sinenkosi phezu kwaso, ingelosi yakwalasha, igama layo ngesiHeberu lingu-Abadoni, kepha ngesiGreki inegama lokuthi u-Apholiyoni. IsiZulu 2020 Sinenkosi esibusayo, ingelosi yakwalasha, igama layo ngesiHebheru kungu-Abhadoni, kodwa ngesiGriki ingu-Apholiyoni. Contemporary Zulu Bible 2024 Zazinenkosi phezu kwazo, ingelosi yakwalasha, egama layo ngesiHeberu lingu-Abadoni, kepha ngesiGreki inegama lokuthi uApoliyoni. |
Angisasayikukhuluma okuningi nani, ngokuba uyeza umbusi walumhlaba, kepha akanalutho kimi.
Kukhona-ke eJerusalema ngasesangweni lezimvu ichibi elithiwa ngesiHeberu iBethesda, linemipheme eyisihlanu.
Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, ngokuba ungumqambimanga noyise wawo.
okukubo unkulunkulu walelizwe uphuphuthekisile ingqondo yabangakholwayo, ukuze kungasi kubo ukukhanya kwevangeli lenkazimulo kaKristu ongumfanekiso kaNkulunkulu.
enanihamba kuzo endulo ngokwendlela yaleli zwe, ngokombusi wamandla omkhathi, ongumoya osebenza manje kubantwana bokungalaleli;
Nina ningabakaNkulunkulu, bantwanyana, nibahlulile, ngokuba lowo okini mkhulu kunaye osezweni.
Waphonswa phansi udrako omkhulu, inyoka endala ethiwa uDeveli noSathane, odukisa izwe lonke; waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa phansi kanye naye.