IsAmbulo 7:10 - Baasraak Zulu New Testament Bible Bamemeza ngezwi elikhulu, bathi: “Insindiso kuNkulunkulu wethu ohlezi esihlalweni sobukhosi nakulo iWundlu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE samemeza ngezwi elikhulu, sithi: “Insindiso ngekaNkulunkulu wethu ohlezi esihlalweni sobukhosi neyeWundlu!” IsiZulu 2020 Samemeza ngezwi elikhulu, sathi: “Insindiso ingekaNkulunkulu wethu ohlezi esihlalweni sobukhosi, neyeWundlu!” Contemporary Zulu Bible 2024 Bamemeza ngezwi elikhulu, bathi: “Insindiso kuNkulunkulu wethu ohlezi esihlalweni sobukhosi nakulo iWundlu. |
Ngangomuso wabona uJesu eza kuye, wathi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu, elisusa izono zezwe.
Nina nikhuleka eningakwaziyo; thina esimkhonzayo siyakwazi, ngokuba ukusindiswa kuvela kumaJuda.
Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu;
Ngase ngizwa izwi elikhulu ezulwini, lithi: Manje isifikile insindiso, namandla, nombuso kaNkulunkulu wethu, namandla kaKristu wakhe; ebusuku.
Emva kwalokho ngezwa izwi elikhulu lesixuku esikhulu ezulwini, lithi: “Haleluya! Insindiso, nenkazimulo, nodumo, namandla, makube eNkosini uNkulunkulu wethu;
Wasesithi ohlezi esihlalweni sobukhosi: Khangela, ngenza konke kube kutsha. Yathi kimi: Bhala, ngokuba lawa mazwi aqinisile, athembekile.
Akusayikuba-khona isiqalekiso, kepha isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu siyakuba kuwo; nezinceku zakhe ziyakumkhonza;
Phambi kwesihlalo sobukhosi kwakukhona ulwandle lwengilazi lufana nekristalu, naphakathi kwesihlalo sobukhosi nasekuzungezeni isihlalo sobukhosi kukhona izidalwa ezine ezigcwele amehlo ngaphambili nangasemuva.
Yasesiza yaluthatha ugwalo esandleni sokunene salowo owayehlezi esihlalweni sobukhosi.