Kodwa usuku lweNkosi luzafika njengesela ebusuku; lapho amazulu ayakudlula ngomsindo omkhulu, nezakhi ziyoncibilika ngokushisa okukhulu, nomhlaba nemisebenzi ekuwo kuyakusha.
IsAmbulo 6:14 - Baasraak Zulu New Testament Bible Izulu lamuka njengomqulu ogoqwayo; zonke izintaba neziqhingi zasuswa ezindaweni zazo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE nezulu lagoqwa njengomqulu wencwadi usongwa, nezintaba zonke neziqhingi zasuswa ezindaweni zazo. IsiZulu 2020 izulu lagoqwa njengomqulu wencwadi usongwa, izintaba zonke neziqhingi zazimbulwa ezindaweni zazo. Contemporary Zulu Bible 2024 Izulu lamuka njengomqulu ogoqwayo; zonke izintaba neziqhingi zasuswa ezindaweni zazo. |
Kodwa usuku lweNkosi luzafika njengesela ebusuku; lapho amazulu ayakudlula ngomsindo omkhulu, nezakhi ziyoncibilika ngokushisa okukhulu, nomhlaba nemisebenzi ekuwo kuyakusha.
Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohlezi kuso, obuso bakhe babalekela ubuso bakhe nezulu; kabafunyanwanga indawo yabo.
Ngase ngibona izulu elisha nomhlaba omusha, ngokuba izulu lokuqala nomhlaba wokuqala kudlulile; ulwandle lwalungasekho.