wasesenza amakhosi labapristi kuNkulunkulu uYise; makube kuye inkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.
IsAmbulo 5:10 - Baasraak Zulu New Testament Bible Wasenza kuNkulunkulu wethu amakhosi nabapristi, futhi siyakubusa emhlabeni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE wabenza babe ngumbuso nabapristi kuNkulunkulu wethu, babuse emhlabeni.” IsiZulu 2020 Wabenza baba ngumbuso nabaphristi kuNkulunkulu wethu, babuse emhlabeni.” Contemporary Zulu Bible 2024 Wasenza kuNkulunkulu wethu amakhosi nabapristi, futhi siyakubusa emhlabeni. |
wasesenza amakhosi labapristi kuNkulunkulu uYise; makube kuye inkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.
Ngase ngibona izihlalo zobukhosi, bahlezi phezu kwazo, banikwa ukwahlulela; ngase ngibona imiphefumulo yalabo ababenqunywe amakhanda ngenxa yobufakazi bukaJesu, nangenxa yezwi likaNkulunkulu, nabangazange bakhulekele isilo noma isilo. umfanekiso wakhe, bengalutholanga uphawu emabunzini abo, noma ezandleni zabo; baphila, babusa kanye noKristu iminyaka eyinkulungwane.
Ubusisiwe, ungcwele onesabelo ekuvukeni kokuqala; phezu kwabanjalo ukufa kwesibili akunamandla, kepha bayakuba ngabapristi bakaNkulunkulu nabakaKristu, babuse kanye naye iminyaka eyinkulungwane.
Ubusuku abuyikuba khona lapho; futhi abadingi isibani, nokukhanya kwelanga; ngokuba iNkosi uNkulunkulu iyakukhanyisela, futhi bayobusa kuze kube phakade naphakade.
Onqobayo ngiyakumnika ukuba ahlale nami esihlalweni sami sobukhosi, njengalokho nami nganqoba, ngahlala noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi.