Othanda uyise noma unina kunami kangifanele; nothanda indodana noma indodakazi kunami kangifanele.
IsAmbulo 3:15 - Baasraak Zulu New Testament Bible Ngiyayazi imisebenzi yakho, ukuthi awubandi, awushisi; ngabe uyabanda noma uyashisa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngiyayazi imisebenzi yakho ukuthi kawubandi, kawushisi. Sengathi ngabe uyabanda noma ushise. IsiZulu 2020 ngiyayazi imisebenzi yakho ukuthi kawubandi, kawushisi. Ngifisa sengathi ngabe uyabanda noma ushise. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngiyayazi imisebenzi yakho, ukuthi awubandi, awushisi; ngabe uyabanda noma uyashisa. |
Othanda uyise noma unina kunami kangifanele; nothanda indodana noma indodakazi kunami kangifanele.
Akakho ongakhonza amakhosi amabili, ngokuba uyakuzonda enye, athande enye; noma ibambelele kwenye, idelele enye. Anikwazi ukukhonza uNkulunkulu noMamona.
Ngoba ngiyesaba ukuthi, nxa ngifika, kangizalithola linjengengikuthandayo, njalo ngifunyanwe kini nginjengemibango, umhawu, ulaka, ukuxabana, ukuhleba, ukuhlebeza, ukuzikhukhumeza, ukuxokozela:
Nalokhu ngiyakhuleka ukuba uthando lwenu luvame kakhulu ekwazini nasekuqondeni konke;
Simelwe ukubonga uNkulunkulu njalo ngani, bazalwane, ngokufaneleyo, ngokuba ukholo lwenu lukhula kakhulu, nothando lwenu nonke ngabanye luyevama;
Njengoba selihlambulule imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso ngoMoya kuze kube sothandweni olungazenzisi lwabazalwane, thandanani kakhulu ngenhliziyo emhlophe;
Ngiyayazi imisebenzi yakho, nomshikashika wakho, nokubekezela kwakho, nokuthi ungebekezelele ababi;
Nakuyo ingelosi yebandla laseSardesi loba ukuthi: Nakhu akushoyo onawoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu, nezinkanyezi eziyisikhombisa; Ngiyayazi imisebenzi yakho, ukuthi unegama lokuthi uyaphila, kanti ufile.
Ngakho-ke, ngenxa yokuba usivivi, ungashisi, ungabandi, ngiyakukuhlanza uphume emlonyeni wami.