Uma uNkulunkulu ekhazimulisiwe kuye, naye uNkulunkulu uyakumkhazimulisa kuye, ahle amkhazimulise.
IsAmbulo 22:13 - Baasraak Zulu New Testament Bible Mina ngingu-Alfa no-Omega, isiqalo nesiphetho, owokuqala nowokugcina. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngingu-Alfa no-Omega, owokuqala nowokuphela, isiqalo nesigcino. IsiZulu 2020 Ngingu-Alfa no-Omega, owokuqala nowokugcina, isiqalo nesiphetho. Contemporary Zulu Bible 2024 Mina ngingu-Alfa no-Omega, isiqalo nesiphetho, owokuqala nowokugcina. |
Uma uNkulunkulu ekhazimulisiwe kuye, naye uNkulunkulu uyakumkhazimulisa kuye, ahle amkhazimulise.
esithi: Mina nginguAlfa loOmega, owokuqala lowokuphela; e-Efesu, naseSmirna, nasePhergamo, naseThiyathira, naseSardesi, naseFiladelfiya, naseLawodikeya.
Kwathi ngimbona, ngawa ngasezinyaweni zakhe njengofileyo. Wayesebeka isandla sakhe sokunene phezu kwami, ethi kimi: “Ungesabi; ngingowokuqala nowokugcina;
Mina ngingu-Alfa no-Omega, isiqalo nesiphetho, isho iNkosi, ekhona, neyayikhona, nezayo, uMninimandla onke.
Nakuyo ingelosi yebandla laseSmirna loba ukuthi: Nakhu akushoyo owokuqala nowokugcina, owayefile, futhi wabuye waphila;
Wathi kimi: Sekwenzekile. Mina ngingu-Alfa no-Omega, isiqalo nesiphetho. Owomileyo ngiyakumnika ngesihle emthonjeni wamanzi okuphila.
Nakuyo ingelosi yebandla laseLawodikeya loba ukuthi: Nakhu akushoyo u-Amen, ufakazi othembekileyo noqinisile, isiqalo sokudaliweyo kukaNkulunkulu;