IsAmbulo 21:4 - Baasraak Zulu New Testament Bible UNkulunkulu uyakwesula izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona, nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile. IBHAYIBHELI ELINGCWELE azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba khona; ngokuba okokuqala kudlulile.” IsiZulu 2020 Uyakuzesula zonke izinyembezi emehlweni abo. Ukufa akusayukuba khona; ukudabuka, ukukhala, nobuhlungu akusayukuba khona, ngokuba okokuqala kudlulile.” Contemporary Zulu Bible 2024 UNkulunkulu uyakwesula izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona, nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile. |
nabasebenzisa leli zwe, babe njengabangalisebenzisi, ngokuba isimo saleli zwe siyedlula.
Ngalokho phumani phakathi kwabo, nahlukane nabo, isho iNkosi, ningathinti okungcolileyo; futhi ngizokwamukela,
Lelilizwi elithi: Kusezakuba kanye, litshengisa ukususwa kwezinto ezinyakaziswayo, njengokuthi okwenziwayo, ukuze kuhlale okunganyikinywayo.
Kodwa usuku lweNkosi luzafika njengesela ebusuku; lapho amazulu ayakudlula ngomsindo omkhulu, nezakhi ziyoncibilika ngokushisa okukhulu, nomhlaba nemisebenzi ekuwo kuyakusha.
Izwe liyadlula kanye nenkanuko yalo, kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.
Ulwandle lwakhipha abafileyo ababekulo; nokufa nesihogo kwakhipha abafileyo ababekukho, bahlulelwa yilowo nalowo njengokwemisebenzi yakhe.
Ngase ngibona izulu elisha nomhlaba omusha, ngokuba izulu lokuqala nomhlaba wokuqala kudlulile; ulwandle lwalungasekho.
Akusayikuba-khona isiqalekiso, kepha isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu siyakuba kuwo; nezinceku zakhe ziyakumkhonza;
Ngokuba iWundlu eliphakathi kwesihlalo sobukhosi liyakubalusa, libaholele emithonjeni yamanzi okuphila;