Xwayani ukuba ningadeleli noyedwa walaba abancinyane; ngokuba ngithi kini: Izingelosi zabo ezulwini zibona njalo ubuso bukaBaba osezulwini.
IsAmbulo 21:12 - Baasraak Zulu New Testament Bible inogange olukhulu noluphakemeyo, inamasango ayishumi nambili, nasemasangweni izingelosi eziyishumi nambili, kulotshwe kuwo amagama angawezizwe eziyishumi nambili zabantwana bakwa-Israyeli. IBHAYIBHELI ELINGCWELE unogange olukhulu noluphakemeyo, unamasango ayishumi nambili, nasemasangweni kukhona izingelosi eziyishumi nambili, kulotshwe kuwo amagama angawezizwe eziyishumi nambili zabantwana bakwa-Israyeli; IsiZulu 2020 Wawunogange olukhulu noluphakeme, unamasango ali-12; emasangweni kukhona izingelosi ezili-12, kuwo kulotshwe amagama ezizwana ezili-12 zakwa-Israyeli. Contemporary Zulu Bible 2024 inogange olukhulu noluphakemeyo, inamasango ayishumi nambili, nasemasangweni izingelosi eziyishumi nambili, kulotshwe kuwo amagama angawezizwe eziyishumi nambili zabantwana bakwa-Israyeli. |
Xwayani ukuba ningadeleli noyedwa walaba abancinyane; ngokuba ngithi kini: Izingelosi zabo ezulwini zibona njalo ubuso bukaBaba osezulwini.
Kanjalo, ngithi kini: Kukhona ukuthokoza phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni sisinye esiphendukayo.
ezithemba ukufika kuso izizwe eziyishumi nambili zakithi, zikhonza uNkulunkulu masinyane imini nobusuku; Ngenxa yalelithemba, nkosi Agripha, ngimangalelwa ngabaJuda.
Azisibo yini zonke omoya abakhonzayo, abathunyelwe ukukhonza ngenxa yalabo abayakuba yizindlalifa zensindiso na?
Ngasempumalanga amasango amathathu; ngasenyakatho amasango amathathu; eningizimu amasango amathathu; nangasentshonalanga amasango amathathu.
Owayekhuluma nami wayenohlanga lwegolide ukuba alinganise umuzi, namasango awo, nogange lwawo.
Babusisiwe abagcina imiyalo yakhe, ukuze babe negunya emthini wokuphila, futhi bangene emzini ngamasango.