Kodwa ngosuku uLoti aphuma ngalo eSodoma kwana umlilo nesibabule kuvela ezulwini, kwababhubhisa bonke.
IsAmbulo 20:9 - Baasraak Zulu New Testament Bible Basenyukela ebubanzini bomhlaba, bahaqa ikamu labangcwele nomuzi othandekayo; kwehla umlilo uvela kuNkulunkulu uvela ezulwini, wabaqeda. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Zase zikhuphukela ngaphezu kobubanzi bomhlaba, zakaka ikamu* labangcwele nomuzi othandiweyo; kwehla umlilo uvela ezulwini, wazidla waziqeda; IsiZulu 2020 Zase zikhuphukela phezu kobubanzi bomhlaba, zazungeza inkambu labangcwele nomuzi othandiweyo, kwase kwehla umlilo uvela ezulwini, wazidla waziqeda. Contemporary Zulu Bible 2024 Basenyukela ebubanzini bomhlaba, bahaqa ikamu labangcwele nomuzi othandekayo; kwehla umlilo uvela kuNkulunkulu uvela ezulwini, wabaqeda. |
Kodwa ngosuku uLoti aphuma ngalo eSodoma kwana umlilo nesibabule kuvela ezulwini, kwababhubhisa bonke.
Ngokuba izinsuku ziyakufikela, lapho izitha zakho ziyokubiyela ngomsele, zikuhaqe, zikuvimbezele nxazonke;
Lapho nibona iJerusalema lihaqwe amabutho, yazini-ke ukuthi sekusondele ukuchithwa kwalo.
Kwathi abafundi bakhe oJakobe noJohane bekubona bathi: “Nkosi, uyathanda ukuba sibize umlilo wehle ezulwini, ubaqothule, njengokuba no-Eliya enza na?
Elangabi lomlilo liphindisela kwabangamaziyo uNkulunkulu, labangalaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu Kristu;
Uma kukhona ofuna ukuwonakalisa, kuphuma umlilo emlonyeni wawo, uqede izitha zawo;
Senza izimangaliso ezinkulu, size sehlise nomlilo ezulwini, wehle emhlabeni phambi kwabantu;