Wena uyakubusiswa; ngokuba abanakukubuyisela, ngokuba uyakuvuzwa ekuvukeni kwabalungileyo.
IsAmbulo 20:5 - Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha abanye abafileyo ababuyanga baphile, yaze yaphela iminyaka eyinkulungwane. Lokhu kungukuvuka kokuqala. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abafileyo ababesele kabaphila yaze yaphela iminyaka eyinkulungwane. Lokhu kungukuvuka kokuqala. IsiZulu 2020 Abafileyo ababesele abavukanga, kwaze kwaphela iminyaka eyinkulungwane. Lokhu kungukuvuka kokuqala. Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha abanye abafileyo ababuyanga baphile, yaze yaphela iminyaka eyinkulungwane. Lokhu kungukuvuka kokuqala. |
Wena uyakubusiswa; ngokuba abanakukubuyisela, ngokuba uyakuvuzwa ekuvukeni kwabalungileyo.
Ngokuba uma ukulahlwa kwabo kungukubuyiswa komhlaba, ukwamukelwa kwabo kuyakuba yini, uma kungesikho ukuphila kwabafileyo na?
Ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngokumemeza, ngezwi lengelosi enkulu, nangecilongo likaNkulunkulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala;
Emva kwezinsuku ezintathu nenxenye uMoya wokuphila ovela kuNkulunkulu wangena kubo, bema ngezinyawo zabo; ukwesaba okukhulu kwehlela labo abababonayo.
Ingelosi yesikhombisa yayisibetha; kwase kuba khona amazwi amakhulu ezulwini, athi: Imibuso yalelizwe isibe imibuso yeNkosi yethu, lekaKristu wayo; futhi iyakubusa kuze kube phakade naphakade.