Nawe Kapernawume, ophakanyiselwe ezulwini, uyakwehliselwa esihogweni, ngokuba uma yayenziwe eSodoma imisebenzi yamandla eyenziwe kuwe, ngabe isekhona nanamuhla.
IsAmbulo 20:13 - Baasraak Zulu New Testament Bible Ulwandle lwakhipha abafileyo ababekulo; nokufa nesihogo kwakhipha abafileyo ababekukho, bahlulelwa yilowo nalowo njengokwemisebenzi yakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nolwandle lwakhipha abafileyo ababekulo, nokufa neHayidese* kwakhipha abafileyo ababekukho, bahlulelwa yilowo nalowo njengokwemisebenzi yakhe. IsiZulu 2020 Nolwandle lwakhipha abafileyo abakulo, ukufa neHayidesi nakho kwakhipha abafileyo ababekukho, bahlulelwa, kwaba yilowo nalowo njengokwemisebenzi yakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 Ulwandle lwakhipha abafileyo ababekulo; nokufa nesihogo kwakhipha abafileyo ababekukho, bahlulelwa yilowo nalowo njengokwemisebenzi yakhe. |
Nawe Kapernawume, ophakanyiselwe ezulwini, uyakwehliselwa esihogweni, ngokuba uma yayenziwe eSodoma imisebenzi yamandla eyenziwe kuwe, ngabe isekhona nanamuhla.
Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.
Mina ngingophilayo, futhi ngangifile; futhi bheka, ngiyaphila kuze kube phakade, Amen; futhi nginezihluthulelo zesihogo nezokufa.
Njalo ngizabulala abantwana bakhe ngokufa; namabandla onke ayakwazi ukuthi mina nginguye ohlola izinso nezinhliziyo;
Ngabona abafileyo, abancane nabakhulu, bemi phambi kukaNkulunkulu; izincwadi zavulwa, nenye incwadi yavulwa, eyincwadi yokuphila; abafileyo bahlulelwa ngalokho okulotshiwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo.
UNkulunkulu uyakwesula izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona, nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile.
Ngase ngibona, bheka, nanto ihhashi elimpofu nohlezi phezu kwalo igama lakhe lalinguKufa, neHayidese lamlandela. Banikwa amandla phezu kwengxenye yesine yomhlaba, ukubulala ngenkemba, nendlala, nangokufa, nangezilwane zomhlaba.