IsAmbulo 2:7 - Baasraak Zulu New Testament Bible Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni; Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle kuwo umuthi wokuphila, ophakathi kwepharadesi likaNkulunkulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle kuwo umuthi wokuphila oseParadisi* likaNkulunkulu. IsiZulu 2020 “ ‘Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle kuwo umuthi wokuphila osePharadisi likaNkulunkulu.’ Contemporary Zulu Bible 2024 Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni; Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle kuwo umuthi wokuphila, ophakathi kwepharadesi likaNkulunkulu. |
Khona abalungileyo bayakukhanya njengelanga embusweni kaYise wabo. Onezindlebe zokuzwa makezwe.
Enye yawela emhlabathini omuhle, yamila, yathela ngekhulu. Esetshilo lezizinto wamemeza wathi: Onezindlebe zokuzwa makezwe.
Lezizinto ngizikhulume kini ukuze libe lokuthula kimi. Ezweni niyakuba nosizi, kepha yimani isibindi; mina ngilinqobile izwe.
ukuthi wahlwithwa wasiwa eParadisi, wezwa amazwi angakhulumekiyo, okungavunyelwe ukuba umuntu awakhulume.
Ngiyanilobela bobaba, ngokuba nimazile okhona kwasekuqaleni. Ngiyanilobela, zinsizwa, ngokuba nimnqobile omubi. Ngiyanilobela, bantwanyana, ngokuba nimazile uBaba.
Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, lithi kimi: Loba: Babusisiwe abafileyo abafele eNkosini kusukela manje. Yebo, usho uMoya, ukuze baphumule ekukhandlekeni kwabo; nemisebenzi yabo iyabalandela.
Ngase ngibona kungathi ulwandle lwengilazi luxubene nomlilo, nabaphumeleleyo ukunqoba isilo, nomfanekiso waso, nophawu lwaso, nenombolo yegama laso, bemi elwandle lwengilazi; ephethe amahabhu kaNkulunkulu.
Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni; Onqobayo kayikulinyazwa ngukufa kwesibili.
Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni; Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle imana elifihliweyo, ngimnike itshe elimhlophe, nasetsheni igama elisha elilotshiwe, elingaziwa muntu, kuphela owemukelayo.
Onqobayo uyakudla ifa lakho konke; ngiyakuba nguNkulunkulu wayo, yona ibe yindodana yami.
Babusisiwe abagcina imiyalo yakhe, ukuze babe negunya emthini wokuphila, futhi bangene emzini ngamasango.
UMoya nomlobokazi bathi: Woza. Nozwayo makathi: Woza. Nowomileyo makeze. Futhi yilowo nalowo othanda makathathe amanzi okuphila ngesihle.
Phakathi kwesitaladi sawo nangaphesheya komfula kwakukhona umuthi wokuphila, othela izithelo eziyishumi nambili, uthela isithelo sawo inyanga nenyanga, namahlamvu omuthi angawokuphulukisa imimoya. izizwe.