IsAmbulo 2:22 - Baasraak Zulu New Testament Bible Bheka, ngiyakumphonsa embhedeni, abaphinga naye ngibaphonse osizini olukhulu, uma bengaphenduki emisebenzini yabo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bheka, ngiyamphonsa embhedeni, nabaphinga naye ngibaphonsa ekuhluphekeni okukhulu, uma bengaphenduki emisebenzini yakhe; IsiZulu 2020 Manje ngimphonsa embhedeni nalabo abaphinga naye, ngibaphonsa ekuhluphekeni okukhulu, ngaphandle kokuba baphenduke emisebenzini yakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 Bheka, ngiyakumphonsa embhedeni, abaphinga naye ngibaphonse osizini olukhulu, uma bengaphenduki emisebenzini yabo. |
Futhi nxa ngifika futhi, uNkulunkulu wami angithobise phakathi kwenu, ngilile abaningi asebevele bonile, abangaphendukanga ekungcoleni, nasebufebeni, nasebubini ababenzayo.
amakhosi omhlaba aphinge nayo, nabakhileyo emhlabeni badakwa ngewayini lobufebe bayo.
Ngokuba izizwe zonke ziphuzile ewayinini lolaka lobufebe balo, namakhosi omhlaba afeba nalo, nabathengisi bomhlaba banothile ngokuchichima kwezibiliboco zalo.
Lamakhosi omhlaba aphingayo laye aphile kamnandi laye, azakulilela, alilele, lapho ebona intuthu yokutshiswa kwayo;
Ngakho khumbula lapho uwe khona, uphenduke, wenze imisebenzi yakuqala; uma kungenjalo, ngizakuza kuwe masinyane, ngilususe uthi lwesibane sakho endaweni yalo, ngaphandle kokuthi uphenduke.