Waphendula, wathi kubo: “Ngokuba niphiwe nina ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu, kepha bona kabakuphiwanga.
IsAmbulo 2:17 - Baasraak Zulu New Testament Bible Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni; Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle imana elifihliweyo, ngimnike itshe elimhlophe, nasetsheni igama elisha elilotshiwe, elingaziwa muntu, kuphela owemukelayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika okwemana* elifihliweyo, ngimuphe itshe elimhlophe, nasetsheni kulotshiwe igama elisha elingaziwa muntu, ngolamukelayo kuphela. IsiZulu 2020 “ ‘Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika okwemana efihliweyo, ngimuphe itshe elimhlophe, futhi kulotshiwe etsheni igama elisha elingaziwa muntu, kuphela lowo olemukelayo.’ Contemporary Zulu Bible 2024 Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni; Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle imana elifihliweyo, ngimnike itshe elimhlophe, nasetsheni igama elisha elilotshiwe, elingaziwa muntu, kuphela owemukelayo. |
Waphendula, wathi kubo: “Ngokuba niphiwe nina ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu, kepha bona kabakuphiwanga.
Kepha umuntu wemvelo kakwamukeli okukaMoya kaNkulunkulu, ngokuba kungubuwula kuye;
Bahlabelela kungathi ihubo elisha phambi kwesihlalo sobukhosi, naphambi kwezidalwa ezine eziphilayo, namalunga; kwakungekho owayengasifunda lelo ngoma, kuphela abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane abahlengiwe emhlabeni.
Esembathweni sakhe nasethangeni lakhe kunegama lilotshiwe ukuthi: INKOSI YAMAKHOSI, NOMBUSI WABABUSI.
Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni; Onqobayo kayikulinyazwa ngukufa kwesibili.
Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni; Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle kuwo umuthi wokuphila, ophakathi kwepharadesi likaNkulunkulu.