IsAmbulo 2:16 - Baasraak Zulu New Testament Bible Phendukani; uma kungenjalo, ngizakuza kuwe masinyane, ngilwe nabo ngenkemba yomlomo wami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngakho-ke phenduka; uma kungenjalo, ngiyeza kuwe masinyane, ngiyakulwa nabo ngenkemba yomlomo wami. IsiZulu 2020 Ngakho-ke phendukani, uma kungenjalo, ngizoza kini ngokuphazima kweso, ngilwe nabo ngenkemba yomlomo wami. Contemporary Zulu Bible 2024 Phendukani; uma kungenjalo, ngizakuza kuwe masinyane, ngilwe nabo ngenkemba yomlomo wami. |
Khona kuyakwambulwa lowo omubi, iNkosi eyakumqeda ngomoya womlomo wayo, imbhubhise ngokubonakala kokufika kwayo;
Esandleni sakhe sokunene wayephethe izinkanyezi eziyisikhombisa, nasemlonyeni wakhe kuphuma inkemba ebukhali esika nhlangothi zombili, nobuso bakhe bunjengelanga elikhanya ngamandla alo.
Abantu bashiswa ukushisa okukhulu, bahlambalaza igama likaNkulunkulu onegunya phezu kwalezi zinhlupho, kepha abaphendukanga ukuba bamkhazimulise.
Emlonyeni wakhe kuphuma inkemba ebukhali, ukuze ashaye ngayo izizwe, azibusa ngentonga yensimbi, unyathela isikhamo sewayini solaka nolaka lukaNkulunkulu uMninimandla onke.
Abaseleyo babulawa ngenkemba yohlezi ehhashini, inkemba ephuma emlonyeni wakhe, nezinyoni zonke zasutha inyama yabo.
Nakuyo ingelosi yebandla lasePhergamu loba ukuthi: “Nakhu akushoyo onenkemba ebukhali esika nhlangothi zombili;
Ngakho khumbula lapho uwe khona, uphenduke, wenze imisebenzi yakuqala; uma kungenjalo, ngizakuza kuwe masinyane, ngilususe uthi lwesibane sakho endaweni yalo, ngaphandle kokuthi uphenduke.
Ofakaza ngalezi zinto uthi: “Nempela ngiyeza masinyane. Amen. Noma kunjalo, woza, Nkosi Jesu.