IsAmbulo 19:13 - Baasraak Zulu New Testament Bible Wayembethe ingubo ecwiliswe egazini, negama lakhe ubizwa ngokuthi nguLizwi likaNkulunkulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE wembethe ingubo efafazwe ngegazi; igama lakhe nguLizwi kaNkulunkulu. IsiZulu 2020 Wayembethe ingubo ecwiliswe egazini; igama lakhe nguLizwi kaNkulunkulu. Contemporary Zulu Bible 2024 Wayembethe ingubo ecwiliswe egazini, negama lakhe ubizwa ngokuthi nguLizwi likaNkulunkulu. |
ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.
Lokho okwakukhona kwasekuqaleni, esikuzwileyo, esikubonile ngamehlo ethu, esikubhekile, nezandla zethu zakuphatha, okweZwi lokuphila;
Ngokuba bathathu abafakazayo ezulwini, uYise, noLizwi, noMoya oNgcwele; futhi laba abathathu bamunye.
Isikhamo sanyathelwa ngaphandle komuzi, kwaphuma igazi esikhamweni sewayini laze lafika ematomini amahhashi, lihamba amastadiyu ayinkulungwane namakhulu ayisithupha.