Khona iNkosi izakuthi kwabangakwesokunene sayo: Wozani lina elibusiswe nguBaba, lidle ilifa lombuso eliwulungiselweyo selokhu kwasekelwa umhlaba.
IsAmbulo 17:8 - Baasraak Zulu New Testament Bible Isilo owasibonayo sasikhona, kodwa asisekho; bayakwenyuka bephuma kwalasha, baye ekubhujisweni; bayakumangala abahlezi emhlabeni, abamagama abo angalotshwanga encwadini yokuphila kusukela ekusekelweni komhlaba, lapho bebona isilo esasikhona, ayikho, kanti nokho ikhona. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Isilo owasibonayo sasikhona, asisekho; kepha sesizakwenyuka, siphuma kwalasha, siye ekubhujisweni; nabakhileyo emhlabeni bayakumangala, labo abamagama abo angalotshwanga encwadini yokuphila, selokhu kwasekelwa izwe, nxa bebona isilo ukuthi sasikhona, kepha asisekho, kanti sizakuba khona. IsiZulu 2020 Isilo owasibonayo sasikhona, kodwa asisekho; sizakwenyuka, siphuma kwalasha, siye ekubhujisweni. Laba abakhileyo emhlabeni, abamagama abo engalotshwanga encwadini yokuphila, kusukela kwasekelwa umhlaba, lapho bebona ukuthi isilo kanti sasikhona, kepha asisekho, sisazobuye sibe khona, bayakumangala. Contemporary Zulu Bible 2024 Isilo owasibonayo sasikhona, kodwa asisekho; bayakwenyuka bephuma kwalasha, baye ekubhujisweni; bayakumangala abahlezi emhlabeni, abamagama abo angalotshwanga encwadini yokuphila kusukela ekusekelweni komhlaba, lapho bebona isilo esasikhona, ayikho, kanti nokho ikhona. |
Khona iNkosi izakuthi kwabangakwesokunene sayo: Wozani lina elibusiswe nguBaba, lidle ilifa lombuso eliwulungiselweyo selokhu kwasekelwa umhlaba.
Leha ho le jwalo, le se ke la thabela hoo, ha meya e le tlasa lona; le mpe le thabe, hobane mabitso a lona a ngodilwe lehodimong.
Baba, ngithanda ukuba labo onginike bona nabo babe nami lapho ngikhona; ukuze babone inkazimulo yami onginike yona, ngokuba wangithanda kungakasekelwa umhlaba.
njengalokho wasikhetha kuye ngaphambi kokusekelwa kwezwe, ukuze sibe ngcwele, singasoleki phambi kwakhe othandweni;
ethembeni lokuphila okuphakade, uNkulunkulu ongenakuqamba amanga akuthembisa kungakabikho umhlaba;
owamiselwa ngaphambili ngaphambi kokusekelwa kwezwe, kodwa wabonakaliswa kulezikhathi zokugcina ngenxa yenu;
Kuyakuthi sebebuqedile ubufakazi babo, isilo esiphuma kwalasha siyakulwa nabo, sibanqobe, sibabulale.
Nesilo esasikhona, kepha esingasekho, singesesishiyagalombili, kepha siphuma kweziyisikhombisa, siya ekubhujisweni.
amakhosi omhlaba aphinge nayo, nabakhileyo emhlabeni badakwa ngewayini lobufebe bayo.
USathane owabadukisayo waphonswa echibini lomlilo nesibabule, lapho kukhona isilo nomprofethi wamanga, futhi bayohlushwa imini nobusuku kuze kube phakade naphakade.
Ngabona abafileyo, abancane nabakhulu, bemi phambi kukaNkulunkulu; izincwadi zavulwa, nenye incwadi yavulwa, eyincwadi yokuphila; abafileyo bahlulelwa ngalokho okulotshiwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo.
Noma ngubani ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila waphonswa echibini lomlilo.
Ngokuba uligcinile izwi lokubekezela kwami, nami ngiyakukulondoloza ehoreni lokulingwa eliyakufika phezu komhlaba wonke ukulinga abakhileyo emhlabeni.
Onqobayo uyakwembathiswa izingubo ezimhlophe; futhi ngeke ngilesule igama lakhe encwadini yokuphila, kodwa ngiyolivuma igama lakhe phambi kukaBaba naphambi kwezingelosi zakhe.