Futhi ngithi kini: Yilowo nalowo oyakungivuma phambi kwabantu, neNdodana yomuntu nayo iyakumvuma phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu;
IsAmbulo 14:1 - Baasraak Zulu New Testament Bible Ngase ngibona, bheka, iWundlu limi entabeni yaseSiyoni, kumi kanye nalo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane, benegama likaYise lilotshwe emabunzini abo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngase ngibona; bheka, iWundlu limi entabeni yaseSiyoni, kumi kanye nalo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane, benegama lalo negama likaYise lilotshwe emabunzini abo. IsiZulu 2020 Ngabona: nanto iWundlu limi entabeni iZiyoni, likanye nabayizi-144 000, belotshiwe igama lalo negama likaYise emabunzini abo. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngase ngibona, bheka, iWundlu limi entabeni yaseSiyoni, kumi kanye nalo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane, benegama likaYise lilotshwe emabunzini abo. |
Futhi ngithi kini: Yilowo nalowo oyakungivuma phambi kwabantu, neNdodana yomuntu nayo iyakumvuma phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu;
njengokulotshiweyo ukuthi: Khangela, ngibeka eZiyoni ilitshe lokuwisa ledwala lokuwisa;
Ngase ngibona, bheka, ifu elimhlophe, naphezu kwefu kwakuhlezi ofana neNdodana yomuntu, enomqhele wegolide ekhanda layo, nasesandleni sakhe isikela elibukhali.
Bahlabelela kungathi ihubo elisha phambi kwesihlalo sobukhosi, naphambi kwezidalwa ezine eziphilayo, namalunga; kwakungekho owayengasifunda lelo ngoma, kuphela abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane abahlengiwe emhlabeni.
Emva kwalokho ngabona, bheka, selivuliwe ithempeli letabernakele lobufakazi ezulwini;
Onqobayo ngiyakumenza insika ethempelini likaNkulunkulu wami, futhi akasayikuphuma ephuma, futhi ngiyakuloba phezu kwakhe igama likaNkulunkulu wami, negama lomuzi kaNkulunkulu wami, oyiJerusalema elisha, owehla ezulwini kuNkulunkulu wami: futhi ngizobhala phezu kwakhe igama lami elisha.
Emva kwalokho ngabona, bheka, umnyango uvuliwe ezulwini, nezwi lokuqala engalizwayo lalinjengelecilongo likhuluma nami; lathi: Yenyukela lapha, ngizakutshengisa okuzakwenzeka emva kwalokhu.
Ngase ngibona, bheka, nanto ihhashi elimpofu nohlezi phezu kwalo igama lakhe lalinguKufa, neHayidese lamlandela. Banikwa amandla phezu kwengxenye yesine yomhlaba, ukubulala ngenkemba, nendlala, nangokufa, nangezilwane zomhlaba.