Kanjalo, ngithi kini: Kukhona ukuthokoza phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni sisinye esiphendukayo.
IsAmbulo 12:12 - Baasraak Zulu New Testament Bible Ngakho thokozani lina mazulu, lani elihlala kuwo. Maye kwabakhileyo emhlabeni nolwandle! ngokuba uSathane wehlele kini enolaka olukhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngalokho thokozani nina mazulu nabahlala kuwo; maye kuwe mhlaba nakuwe lulwandle, ngokuba uSathane wehlele kini enolaka olukhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane!” IsiZulu 2020 Ngakho-ke jabulani nina mazulu nalabo abahlala kuwo. Maye, kuwe mhlaba, nakuwe lulwandle, ngokuba uSathane wehlele kini enolaka olukhulu, azi kahle ukuthi isikhathi sifushane!” Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho thokozani lina mazulu, lani elihlala kuwo. Maye kwabakhileyo emhlabeni nolwandle! ngokuba uSathane wehlele kini enolaka olukhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane. |
Kanjalo, ngithi kini: Kukhona ukuthokoza phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni sisinye esiphendukayo.
Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu abathakazelelwayo.
Kodwa, bathandekayo, ningayikhohlwa lento eyodwa, ukuthi usuku olulodwa eNkosini lunjengeminyaka eyinkulungwane, neminyaka eyinkulungwane injengosuku olulodwa.
wafunga yena ophilayo kuze kube phakade naphakade, owadala izulu, nokukhona, nomhlaba, nezinto ezikuwo, nolwandle, nokukhona kukho, ukuthi akuyikubakho isikhathi. eside:
Nabakhileyo emhlabeni bayakujabula ngabo, bajabule, bathumele izipho omunye komunye; ngoba laba baprofethi ababili babahlupha abakhileyo emhlabeni.
Waphonswa phansi udrako omkhulu, inyoka endala ethiwa uDeveli noSathane, odukisa izwe lonke; waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa phansi kanye naye.
Savula umlomo waso ukuhlambalaza uNkulunkulu, ukuhlambalaza igama lakhe netabernakele lakhe, nabahlezi ezulwini.
Thokoza ngawo wena zulu, nani baphostoli abangcwele, nani baprofethi; ngoba uNkulunkulu ukuphindisele kulo.
Ngasengibona, ngezwa ingilosi indiza emkhathini wezulu, isithi ngelizwi elikhulu: Maye, maye, maye kwabakhileyo emhlabeni ngenxa yokukhala kwecilongo lezingilosi ezintathu ezisekhona ukuzwakala!