Base bephendula abanye bababhali nabaFarisi, bathi: Mfundisi, sithanda ukubona isibonakaliso esivela kuwe.
IsAmbulo 12:1 - Baasraak Zulu New Testament Bible Kwabonakala isibonakaliso esikhulu ezulwini; owesifazane embethe ilanga, nenyanga iphansi kwezinyawo zakhe, nasekhanda lakhe kukhona umqhele wezinkanyezi eziyishumi nambili; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwaba khona ezulwini isibonakaliso esikhulu: owesifazane embethe ilanga, nenyanga iphansi kwezinyawo zakhe, nasekhanda lakhe kukhona umqhele wezinkanyezi eziyishumi nambili, IsiZulu 2020 Kwabonakala isibonakaliso esikhulu ezulwini: owesifazane embethe ilanga, nenyanga iphansi kwezinyawo zakhe, ekhanda lakhe ethwele umqhele wezinkanyezi ezili-12. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwabonakala isibonakaliso esikhulu ezulwini; owesifazane embethe ilanga, nenyanga iphansi kwezinyawo zakhe, nasekhanda lakhe kukhona umqhele wezinkanyezi eziyishumi nambili; |
Base bephendula abanye bababhali nabaFarisi, bathi: Mfundisi, sithanda ukubona isibonakaliso esivela kuwe.
Khona kuyakubonakala ezulwini isibonakaliso seNdodana yomuntu, khona-ke izizwe zonke zomhlaba ziyakuzila, futhi zibone iNdodana yomuntu iza ngamafu ezulu inamandla nenkazimulo enkulu.
Kuyakuba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu ezindaweni ngezindawo, nendlala, nezifo eziwumshayabhuqe; kuyakuba khona izinto ezesabekayo nezibonakaliso ezinkulu ezivela ezulwini.
Kuyakuba khona izibonakaliso elangeni nasenyangeni nasezinkanyezini; nasemhlabeni usizi lwezizwe, zididekile; kuhlokoma ulwandle namagagasi;
Lowo onomakoti ungumyeni; kepha umngane womyeni, omiyo emuzwa, uthokoza kakhulu ngezwi lomyeni; ngakho lokhu kujabula kwami kugcwalisekile.
Ngiyakwenza izimangaliso ezulwini phezulu, nezibonakaliso emhlabeni phansi; igazi, nomlilo, nentuthu yomusi;
Kepha yembathani iNkosi uJesu Kristu, ningakhathaleli inyama ukuba nifeze izinkanuko zayo.
Ngisho ukulunga kukaNkulunkulu okungokukholwa kuJesu Kristu kubo bonke naphezu kwabo bonke abakholwayo, ngokuba akukho mehluko;
Ngokuba ngiyanishisekela ngesikhwele sikaNkulunkulu, ngokuba nganandisela endodeni eyodwa, ukuze nginethule kuKristu niyintombi emhlophe.
Kepha mangingazibonga mina, kuphela ngesiphambano seNkosi yethu uJesu Kristu, okubethelwe ngaye izwe kimi, nami ezweni.
Imfihlakalo yezinkanyezi eziyisikhombisa ozibonileyo esandleni sami sokunene, nezinti zezibani eziyisikhombisa zegolide. Izinkanyezi eziyisikhombisa ziyizingelosi zamabandla ayisikhombisa, nezinti zezibani eziyisikhombisa zingamabandla ayisikhombisa.
Kwavulwa ithempeli likaNkulunkulu ezulwini, kwabonakala umphongolo wesivumelwano sakhe ethempelini lakhe, kwaba khona imibani, namazwi, nokuduma, nokuzamazama komhlaba, nesichotho esikhulu.
Kwabonakala esinye isimangaliso ezulwini; bheka, udrako omkhulu obomvu, enamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi, nasemakhanda akhe imiqhele eyisikhombisa.
Ngase ngibona esinye isibonakaliso ezulwini, esikhulu nesimangalisayo: izingelosi eziyisikhombisa zinezinhlupho eziyisikhombisa zokugcina; ngoba ulaka lukaNkulunkulu lugcwaliswa ngazo.
Ugange lomuzi lwalunezisekelo eziyishumi nambili, nakuzo amagama abaphostoli abayishumi nambili beWundlu.
Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuba kukhanye kuwo, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nokukhanya kwawo iWundlu.