Ngalesosikhathi uJesu waphendula wathi: Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu lomhlaba, ngoba ukufihlile lezizinto kwabahlakaniphileyo labaqedisisayo, wazambulela izingane;
IsAmbulo 11:17 - Baasraak Zulu New Testament Bible besithi: Siyakubonga, Nkosi Nkulunkulu Somandla, okhona, owayekhona, lozayo; ngoba uzithathele amandla akho amakhulu, wabusa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ethi: “Siyakubonga, Nkosi Nkulunkulu, Mninimandla onke, okhona nowawukhona, ngokuba uthabathe amandla akho amakhulu, wabusa; IsiZulu 2020 ethi: “Siyakubonga, Nkosi Nkulunkulu, Somandla, okhona nowawukhona, ngokuba uthabathe amandla akho amakhulu, wabusa; Contemporary Zulu Bible 2024 besithi: Siyakubonga, Nkosi Nkulunkulu Somandla, okhona, owayekhona, lozayo; ngoba uzithathele amandla akho amakhulu, wabusa. |
Ngalesosikhathi uJesu waphendula wathi: Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu lomhlaba, ngoba ukufihlile lezizinto kwabahlakaniphileyo labaqedisisayo, wazambulela izingane;
Ka yona nako eo Jesu a ipela moyeng, a re: Ke a o leboha, Ntate, Morena wa lehodimo le wa lefatshe, kahobane taba tsena o di patetse ba bohlale le ba kelello, mme o di senoletse masea; gonne go ne go le molemo mo matlhong a gago jalo.
Balisusa-ke itshe endaweni lapho ofile ayebekwe khona. UJesu waphakamisa amehlo akhe, wathi: “Baba, ngiyakubonga ngokuba ungizwile.
Makabongwe uNkulunkulu osihola njalo ekunqobeni kuKristu, ebonakalisa ngathi iphunga lokwazi kwakhe ezindaweni zonke.
Ngiyambonga ongenzele amandla, uKristu Jesu iNkosi yethu, ngokuba wathi ngikholekile, engimisa enkonzweni;
UJohane kuwo amabandla ayisikhombisa ase-Asiya: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuye okhona nowayekhona nozayo; nakuMoya abayisikhombisa abaphambi kwesihlalo sakhe sobukhosi;
Mina ngingu-Alfa no-Omega, isiqalo nesiphetho, isho iNkosi, ekhona, neyayikhona, nezayo, uMninimandla onke.
Ingelosi yesikhombisa yayisibetha; kwase kuba khona amazwi amakhulu ezulwini, athi: Imibuso yalelizwe isibe imibuso yeNkosi yethu, lekaKristu wayo; futhi iyakubusa kuze kube phakade naphakade.
Bahlabelela ingoma kaMose inceku kaNkulunkulu, nengoma yeWundlu, bethi: Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, Nkosi Nkulunkulu, Mninimandla onke; zilungile, ziqinisile izindlela zakho, Nkosi yabangcwele.
Ngokuba bayimimoya yamademoni, eyenza izibonakaliso, ephumela emakhosini omhlaba wonke ukubabuthela ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.
Ngase ngizwa ingelosi yamanzi ithi: “Ulungile, Nkosi, okhona nowayekhona nosekhona, ngokuba wahlulele kanje.
Ngezwa elinye livela e-altare lithi: “Yebo, Nkosi Nkulunkulu Somandla, ziyiqiniso futhi zilungile izahlulelo zakho.
Ngakho-ke izinhlupho zalo ziyakufika ngalusuku lunye, ukufa, nokulila, nendlala; iyakushiswa nokushiswa ngomlilo, ngokuba inamandla iNkosi uJehova owahlulelayo.
Ngabona izulu livulekile, bheka, ihhashi elimhlophe; nohlezi phezu kwalo ubizwa ngokuthi, oThembekileyo noQinisileyo, futhi ngokulunga uyahlulela, enze impi.
Ngezwa kungathi izwi lesixuku esikhulu, kungathi izwi lamanzi amaningi, nanjengezwi lokuduma okukhulu, lithi: “Haleluya!