Ngase ngayithabatha incwadi encane esandleni sengelosi, ngayidla ngayiqeda; lasemlonyeni wami limnandi njengezinyosi: kwathi ngilidlile, sabamunyu isisu sami.
IsAmbulo 10:11 - Baasraak Zulu New Testament Bible Yasisithi kimi: Kumelwe uprofethe futhi ngabantu abaningi, nezizwe, nezilimi, namakhosi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Zase zithi kimi: “Kumelwe ukuba uphinde uprofethe ngabantu abaningi, nezizwe, nezilimi, namakhosi.” IsiZulu 2020 Zase zithi kimi: “Kufanele ukuba uphrofethe futhi ngabantu abaningi, izizwe, izilimi, namakhosi.” Contemporary Zulu Bible 2024 Yasisithi kimi: Kumelwe uprofethe futhi ngabantu abaningi, nezizwe, nezilimi, namakhosi. |
Ngase ngayithabatha incwadi encane esandleni sengelosi, ngayidla ngayiqeda; lasemlonyeni wami limnandi njengezinyosi: kwathi ngilidlile, sabamunyu isisu sami.
Nganikwa umhlanga onjengodondolo, ingelosi yema, yathi: “Sukuma, ulinganise ithempeli likaNkulunkulu, ne-altare, nabakhuleka kulo.
Abantu nemindeni nezilimi nezizwe bayakuzibona izidumbu zabo izinsuku ezintathu nenxenye, bangavumeli izidumbu zabo zibekwe emathuneni.
Ngase ngibona enye ingelosi indiza emkhathini wezulu, inevangeli laphakade ukubalishumayele kwabakhileyo emhlabeni, nakuzo zonke izizwe, nemindeni, nezilimi, nabantu;
Futhi angamakhosi ayisikhombisa: ayisihlanu asewile, enye ikhona, enye ayikafiki; njalo nxa isifikile, izahlala isikhashana.
Izimpondo eziyishumi ozibonile zingamakhosi ayishumi angakawamukeli umbuso; kodwa amukele amandla njengamakhosi ihora linye kanye nesilo.
Yathi kimi: “Amanzi owawabonayo, lapho sihlezi khona isifebe, ayizizwe, nezixuku, nezizwe, nezilimi.
Bahlabelela isihlabelelo esisha, bethi: Ufanele ukuyithatha incwadi nokuvula izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wasihlengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuzo zonke izizwe, nezilimi, nabantu, isizwe;