Kepha nina anisenyameni, kodwa nikuMoya, uma uMoya kaNkulunkulu ehlala kini. Kepha uma umuntu engenaye uMoya kaKristu, lowo kasiye owakhe.
EkaJuda 1:19 - Baasraak Zulu New Testament Bible Laba yibo abazahlukanisayo, abenyama, abangenaye uMoya. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yilabo abaveza ukwahlukana, bengabenyama bengenaMoya. IsiZulu 2020 Yibo laba abadala ukwahlukana bengabemvelo, bengenaye uMoya. Contemporary Zulu Bible 2024 Laba yibo abazahlukanisayo, abenyama, abangenaye uMoya. |
Kepha nina anisenyameni, kodwa nikuMoya, uma uMoya kaNkulunkulu ehlala kini. Kepha uma umuntu engenaye uMoya kaKristu, lowo kasiye owakhe.
Kepha umuntu wemvelo kakwamukeli okukaMoya kaNkulunkulu, ngokuba kungubuwula kuye;
Yini? Anazi yini ukuthi umzimba wenu uyithempeli likaMoya oNgcwele okinina, enimamukele kuNkulunkulu, nokuthi anisibo abenu na?
singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye; kodwa sikhuthazane, ikakhulu njengoba libona usuku lusondela.
Lokhu kuhlakanipha kakuveli phezulu, kodwa kungokomhlaba, kwemvelo, kobudeveli.