Kwathi seliphumile ilanga, zahangulwa; futhi ngenxa yokuthi zazingelampande zabuna.
EkaJuda 1:12 - Baasraak Zulu New Testament Bible Laba bangamabala emikhosini yenu yothando, lapho bedla nani, bezidlisa ngaphandle kokwesaba; bangamafu angenamanzi, apheshulwa ngumoya; izihlahla ezibunayo, ezingatheli, ezifile kabili, ezisitshulwe; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yilabo abayizisihla emadilini enu othando bedla nani, bengesabi, baziklabisa; bangamafu angenamanzi, aqhutshwa yimimoya; bayimithi yasebusika engenazithelo, efe kabili, isishuliwe; IsiZulu 2020 Yibo laba abayichilo emadilini enu, abadla nani bengenakwesaba, bezenelisa. Bangamafu angenamvula apheshulwa wumoya, izihlahla zasehlobo ezingenazithelo, bafe imfakabili, basishuliwe. Contemporary Zulu Bible 2024 Laba bangamabala emikhosini yenu yothando, lapho bedla nani, bezidlisa ngaphandle kokwesaba; bangamafu angenamanzi, apheshulwa ngumoya; izihlahla ezibunayo, ezingatheli, ezifile kabili, ezisitshulwe; |
Kwathi seliphumile ilanga, zahangulwa; futhi ngenxa yokuthi zazingelampande zabuna.
Kepha waphendula wathi: “Zonke izithombo ezingatshalwanga nguBaba osezulwini ziyakusishulwa.
Kodwa seliphumile ilanga, lahangulwa; futhi ngenxa yokuthi yayingenampande, yabuna.
Kodwa uba leyonceku ithi enhliziyweni yayo: Inkosi yami ilibele ukuza; aqale ukushaya izinceku nezincekukazi, nokudla, nokuphuza, nokudakwa;
Kwakukhona umuntu othile onothileyo, owayegqoka ezibubende nezelineni elicolekileyo, ezijabulisa imihla ngemihla etamasa.
Ziqapheleni nina, funa izinhliziyo zenu zisindwe ukuminza, nokudakwa, nezinkathazo zalokhu kuphila, lunifike lolo suku kungazelelwe.
ukuze singabe sisaba abantwana, sijikijelwa ngapha nangapha, siqhutshwa yiwo wonke umoya wemfundiso, ngobuqili babantu, nobuqili bobuqili abaqamekela ukudukisa ngabo;
abakuphela kwabo kungukubhujiswa, abaNkulunkulu wabo uyisisu sabo, nodumo lwabo lusehlazweni labo, abanaka izinto zasemhlabeni.
Ningahujwa yizimfundiso eziyizinhlobonhlobo nezingaziwayo. Ngokuba kuhle ukuthi inhliziyo iqiniswe ngomusa; kungeyisikho ngokudla, abangazuzanga ngakho abahlezi kukho.
Niphile ubumnandi emhlabeni, nizitika; nondlile izinhliziyo zenu njengasosukwini lokuhlaba.