Esemtholile wamyisa e-Antiyokiya. Kwasekusithi umnyaka wonke babuthana ebandleni, bafundisa abantu abanengi. Futhi abafundi baqala ukubizwa ngokuthi amaKristu e-Antiyokiya.
1 kaPetru 4:16 - Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha uma umuntu ehlupheka ngokuba engumKristu, makangabi namahloni; kodwa makadumise uNkulunkulu ngakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE kepha uma ehlupheka ngokuba engumKristu, makangabi namahloni, kepha makadumise uNkulunkulu ngenxa yalelo gama. IsiZulu 2020 Kepha uma ehlupheka ngokuba engumKhristu, makangabi namahloni, kodwa makadumise uNkulunkulu, ngenxa yalelo gama. Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha uma umuntu ehlupheka ngokuba engumKristu, makangabi namahloni; kodwa makadumise uNkulunkulu ngakho. |
Esemtholile wamyisa e-Antiyokiya. Kwasekusithi umnyaka wonke babuthana ebandleni, bafundisa abantu abanengi. Futhi abafundi baqala ukubizwa ngokuthi amaKristu e-Antiyokiya.
Kepha sithanda ukuzwa ngawe ukuthi yini oyicabangayo, ngokuba ngaleli hlelo siyazi ukuthi liyaphikiswa ezindaweni zonke.
Base bemuka ebusweni bomphakathi bethokoza, ngokuba kwakuthiwe bafanele ukudunyazwa ngenxa yegama lakhe.
Njengokulangazelela kwami nethemba lami, ukuthi angiyikuba namahloni ngalutho, kodwa ukuthi ngaso sonke isibindi, njengalokhu kwenzeka njalo, kanjalo namanje uKristu uyakuphakanyiswa emzimbeni wami, noma kungokuphila noma ngokufa.
Ngokuba niphiwe nina ngenxa kaKristu, kungesikho ukukholwa kuye kuphela, kepha nokuhlupheka ngenxa yakhe;
Ngenxa yalokhu lami ngihlupheka ngalezizinto, kodwa kangilanhloni, ngoba ngiyamazi engikholiweyo, njalo ngiqinisekile ukuthi ulamandla okulondoloza lokho engikubeke kuye kuze kufike lolosuku.
nibe nenkambo enhle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi, benihleba ngathi ningabenzi bokubi, babone imisebenzi yenu emihle abayoyibona, badumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa.
Uma umuntu ekhuluma, makakhulume njengokwamazwi kaNkulunkulu; uma umuntu ekhonza, makakhonze ngokwamandla awaphiwa nguNkulunkulu, ukuze uNkulunkulu akhazinyuliswe ezintweni zonke ngoJesu Kristu, makube kuye inkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.
Uma nihlanjalazwa ngenxa yegama likaKristu, nibusisiwe; ngokuba uMoya wenkazimulo nokaNkulunkulu uhlezi phezu kwenu;
Ngakho-ke abahluphekayo ngokwentando kaNkulunkulu mababeke kuye imiphefumulo yabo ekwenzeni okuhle njengakuMdali othembekileyo.