Abantu ababehlezi ebumnyameni babona ukukhanya okukhulu; nabahlezi ezweni nasethunzini lokufa ukukhanya kuye kwaphumela obala.
1 kaPetru 2:9 - Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo; ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo; IBHAYIBHELI ELINGCWELE kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo, ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo; IsiZulu 2020 Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubuphristi basebukhosini, isizwe esingcwele, abantu abangabakaNkulunkulu, ukuze nishumayele ngobuhle balowo owanibiza, ukuba niphume ebumnyameni ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo. Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo; ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo; |
Abantu ababehlezi ebumnyameni babona ukukhanya okukhulu; nabahlezi ezweni nasethunzini lokufa ukukhanya kuye kwaphumela obala.
Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu, ukuze babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.
ukubakhanyisela abahlezi ebumnyameni nasethunzini lokufa, ukuqondisa izinyawo zethu endleleni yokuthula.
Ziqapheleni nina nomhlambi wonke anibeke kuwo uMoya oNgcwele ukuba nibe ngababonisi bokwelusa ibandla likaNkulunkulu azithengele lona ngegazi lakhe.
ukuze uvule amehlo abo, basuke ebumnyameni, baye ekukhanyeni, basuke emandleni kaSathane, baye kuNkulunkulu, ukuze bamukele ukuthethelelwa kwezono, nefa phakathi kwabangcwelisiweyo ngokukholwa kimi.
Uma umuntu engcolisa ithempeli likaNkulunkulu, uNkulunkulu uyakumchitha lowo; ngoba ithempeli likaNkulunkulu lingcwele, eliyilo lina.
okuyisibambiso sefa lethu, kuze kuhlengwe lokho okwathengwayo, kube ludumo lwenkazimulo yakhe.
Makube kuye udumo ebandleni ngoKristu Jesu ezizukulwaneni zonke zaphakade naphakade. Amen.
ngijonge emgomeni, emklomelweni wokubizwa okuphezulu kukaNkulunkulu kuKristu Jesu.
owasikhulula emandleni obumnyama, wasesisa embusweni weNdodana yakhe ethandekayo;
Owasisindisayo, wasibiza ngobizo olungcwele, kungeyisikho ngokwemisebenzi yethu, kodwa njengokwenhloso yakhe lomusa esiwuphiwa kuKristu Jesu ngaphambi kwezikhathi.
owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge kubo bonke ububi, futhi azihlambulule isizwe esiyisizwe, esishisekela imisebenzi emihle.
ngokokwazi ngaphambili kukaNkulunkulu uBaba ngokungcweliswa kukaMoya, kube ekulaleleni nasekufafazweni kwegazi likaJesu Kristu: Makwandiswe kini umusa nokuthula.
Nani njengamatshe aphilayo nakhiwe nibe yindlu yomoya, ubupristi obungcwele, ukuze ninikele imihlatshelo yomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu ngoJesu Kristu.
Uma umuntu ekhuluma, makakhulume njengokwamazwi kaNkulunkulu; uma umuntu ekhonza, makakhonze ngokwamandla awaphiwa nguNkulunkulu, ukuze uNkulunkulu akhazinyuliswe ezintweni zonke ngoJesu Kristu, makube kuye inkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.
wasesenza amakhosi labapristi kuNkulunkulu uYise; makube kuye inkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.
Ubusisiwe, ungcwele onesabelo ekuvukeni kokuqala; phezu kwabanjalo ukufa kwesibili akunamandla, kepha bayakuba ngabapristi bakaNkulunkulu nabakaKristu, babuse kanye naye iminyaka eyinkulungwane.