1 kaPetru 2:1 - Baasraak Zulu New Testament Bible Ngakho lahlani ububi bonke, nobuqili bonke, nokuzenzisa, nomhawu, nakho konke ukuhleba; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngakho lahlani ububi bonke, nobuqili bonke, nokuzenzisa, nomhawu, nokuhleba konke; IsiZulu 2020 Ngakho-ke lahlani bonke ububi, bonke ubuqili, ukuzenzisa, umhawu, nakho konke ukunyembenya. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho lahlani ububi bonke, nobuqili bonke, nokuzenzisa, nomhawu, nakho konke ukuhleba; |
Kanjalo nani ngaphandle nibonakala kubantu nilungile, kepha ngaphakathi nigcwele ukuzenzisa nobubi.
iyinqamule kabili, iyimisele isabelo sayo kanye nabazenzisi; kuyakuba khona lapho ukukhala nokugedla amazinyo.
Mzenzisi, khipha kuqala ugongolo esweni lakho; khona-ke uyobona kahle ukukhipha ucezwana esweni lomfowenu.
Siphe, noma singaphi na? Kepha yena ekwazi ukuzenzisa kwabo wathi kubo: “Ningilingelani na? Ngiletheleni udenariyo, ngibone.
Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi! ngokuba ninjengamathuna angabonakali, nabantu abahamba phezu kwawo bengawazi.
Kusenjalo sekubuthene ixuku labantu, baze banyathelana, waqala ukuthi kubafundi bakhe kuqala: “Xwayani imvubelo yabaFarisi engukuzenzisa.
Ungasho kanjani kumfowenu ukuthi: ‘Mfowethu, ake ngikhiphe ucezwana olusesweni lakho,’ wena ungaluboni ugongolo olukwelakho iso, na? Mzenzisi, khipha kuqala ugongolo esweni lakho, khona-ke wobona kahle ukukhipha ucezwana olusesweni lomfowenu.
UJesu wabona uNathanayeli eza kuye, wathi ngaye: “Bheka, umIsrayeli okungekho nkohliso kuye.
begcwele konke ukungalungi, ukukhohlakala, ukufisa, ububi; begcwele umona, ukubulala, ukuphikisana, inkohliso, ubuxhwanguxhwangu; abahlebezi,
Bazalwane, ningabi ngabantwana ngokuqonda, nokho ebubini nibe ngabantwana, kepha ekuqondeni nibe ngamadoda.
Ngakho-ke kasiwugcineni umkhosi, kungabi ngemvubelo endala, kungabi ngemvubelo yobubi nokubi; kodwa ngesinkwa esingelamvubelo sobuqotho leqiniso.
Ngoba ngiyesaba ukuthi, nxa ngifika, kangizalithola linjengengikuthandayo, njalo ngifunyanwe kini nginjengemibango, umhawu, ulaka, ukuxabana, ukuhleba, ukuhlebeza, ukuzikhukhumeza, ukuxokozela:
Makususwe kini konke ukufutheka, nolaka, nentukuthelo, nomsindo, nokuhlambalaza, kanye nakho konke okubi.
Ngokuba isikhuthazo sethu asiveli enkohlisweni, noma ngokungcola, noma ngenkohliso;
Kanjalo omkabo mababe nesizotha, bangabi ngabahlebi, abaqondileyo, abathembekile ezintweni zonke.
ngokunjalo nabesifazane asebekhulile baziphathe ngendlela efanele ubungcwele, bangabi ngabahlebi, bangabi yizigqila zewayini eliningi, babe abafundisi bokuhle;
Ngakho-ke nathi njengoba sizungezwe ifu elingaka lawofakazi, masilahle konke okusindayo nesono esisithandela kalula, futhi masiwugijime ngokubekezela umncintiswano obekwe phambi kwethu,
Ngakho-ke lahlani konke ukungcola nokuchichima kobubi, namukele ngobumnene izwi eligxunyekiweyo, elinamandla okusindisa imiphefumulo yenu.
Kepha uma ninomhawu obabayo nokubanga ezinhliziyweni zenu, ningazibongi, ningaqambi iqiniso amanga.
Lingakhulumi kubi, bazalwane. Ohlambalaza umzalwane wakhe, ahlulele umzalwane wakhe, ukhuluma kabi ngomthetho, wahlulela umthetho;
Ningagqubuthelani, bazalwane, ukuze ningalahlwa; bhekani, umahluleli umi ngasemnyango.
njengabakhululekileyo, njalo lingasebenzisi inkululeko yenu njengesigubuzelo sobubi, kodwa njengezinceku zikaNkulunkulu.
Ngokuba lowo othanda ukuphila, nokubona izinsuku ezinhle, makabambe ulimi lwakhe kokubi, nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso;
ukuze isikhathi esiseleyo enyameni angabe esaphila ezinkanukweni zabantu, kodwa ngentando kaNkulunkulu.
Ngokuba kuyamangala ukuthi kaligijimi kanye labo kulowo mkhuba wokungathembeki, bekhuluma kabi ngani;
Emlonyeni wabo akufunyanwanga nkohliso, ngokuba bengenacala phambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.