Kwakhala ku-Elisha owesifazane othile wabafazi bamadodana abaprofethi, wathi: “Inceku yakho, indoda yami, ifile; wena uyazi ukuthi inceku yakho yayimesaba uJehova; sekufike umtshelekisi ukuzithathela abafana bami ababili babe yizigqila.”
URuthe 1:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Elimeleki umyeni kaNawomi wafa; kepha yena wasala namadodana akhe amabili. IsiZulu 2020 U-Elimelekhi, umyeni kaNawomi, wafela lapho; uNawomi wasala namadodana akhe amabili. Contemporary Zulu Bible 2024 Wafa u-Elimeleki, umyeni kaNawomi; wasala namadodana akhe amabili. |
Kwakhala ku-Elisha owesifazane othile wabafazi bamadodana abaprofethi, wathi: “Inceku yakho, indoda yami, ifile; wena uyazi ukuthi inceku yakho yayimesaba uJehova; sekufike umtshelekisi ukuzithathela abafana bami ababili babe yizigqila.”
Igama lalowo muntu lalingu-Elimeleki, igama lomkakhe lalinguNawomi, amagama amadodana akhe amabili ayengoMahaloni noKiliyoni; babe ngama-Efratha aseBetlehema Juda. Bafika ezweni lakwaMowabi, bahlala khona.
Azithathela abafazi kwabesifazane bakwaMowabi; igama lomunye lalingu-Orpa, igama lomunye lalinguRuthe; bahlala khona kwangathi iminyaka eyishumi.