Base belihlaba iphasika ngolweshumi nane lwenyanga yesibili; abapristi namaLevi babe namahloni, bazingcwelisa, baletha iminikelo yokushiswa endlini kaJehova.
UNumeri 9:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngosuku lweshumi nane lwaleyo nyanga ngakusihlwa niyakuligcina ngesikhathi salo esinqunyiweyo; ngokwezimiso zalo zonke nangokwemithetho yalo anoligcina.” IsiZulu 2020 Ngosuku lwe-14 lwaleyo nyanga kusihlwa, niyakuligcina ngesikhathi esimisiweyo, njengokwazo zonke izimiso zalo nemithetho yonke yokugcinwa kwalo.” Contemporary Zulu Bible 2024 Ngosuku lweshumi nane lwale nyanga, lapho sekuhlwile, anoligcina ngesikhathi esimisiwe; njengawo wonke amasiko alo nangokwemikhosi yawo yonke uyakulenza. |
Base belihlaba iphasika ngolweshumi nane lwenyanga yesibili; abapristi namaLevi babe namahloni, bazingcwelisa, baletha iminikelo yokushiswa endlini kaJehova.
Ngokuba inkosi yayelulekene nezikhulu zayo nebandla lonke laseJerusalema ukuba bagcine iphasika ngenyanga yesibili.
UJosiya wamenzela uJehova iphasika eJerusalema; balihlaba iphasika ngolweshumi nane lwenyanga yokuqala.
“Futhi abantwana bakwa-Israyeli bayakugcina iphasika ngesikhathi salo esinqunyiweyo.
uma kwakunjalo wayemelwe ukuhlupheka kaningi selokhu kwasekelwa izwe; kodwa kalokhu ubonakalisiwe kanye ekupheleni kwezikhathi ukuba asuse izono ngokuzinikela kwakhe.