“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Uma umuntu wakini noma owezizukulwane zenu engcoliswa yisidumbu noma esekuhambeni, ekude, uyakulenza nokho iphasika kuJehova;
UNumeri 9:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngenyanga yesibili ngosuku lweshumi nane ngakusihlwa bayakulenza; bayakulidla nesinkwa esingenamvubelo nemifino ebabayo; IsiZulu 2020 Ngenyanga yesibili, ngosuku lwe-14, kusihlwa; bayakuligcina balidle nesinkwa esingenamvubelo nemifino ebabayo. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngosuku lweshumi nane lwenyanga yesibili kusihlwa kumelwe bakugcine futhi bakudle kanye nesinkwa esingenamvubelo nemifino ebabayo. |
“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Uma umuntu wakini noma owezizukulwane zenu engcoliswa yisidumbu noma esekuhambeni, ekude, uyakulenza nokho iphasika kuJehova;
Ngosuku lweshumi nane lwaleyo nyanga ngakusihlwa niyakuligcina ngesikhathi salo esinqunyiweyo; ngokwezimiso zalo zonke nangokwemithetho yalo anoligcina.”
Ngokuba lokho kwenzeka ukuba kugcwaliseke umbhalo othi: “Akuyikwaphulwa thambo lakhe.”
Awuyikudla sinkwa esivutshelweyo kanye nalo; izinsuku eziyisikhombisa uyakudla isinkwa esingenamvubelo kanye nalo, isinkwa senhlupheko, ngokuba waphuma ezweni laseGibithe ngokunonopha ukuba ulukhumbule usuku owaphuma ngalo ezweni laseGibithe zonke izinsuku zokuhamba kwakho.